Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 1/1 k. 32
  • Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nezikhathi Ezinzima

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nezikhathi Ezinzima
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 1/1 k. 32

Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nezikhathi Ezinzima

KULEZI zikhathi ezibucayi, abaningi bakhuthazelela ubunzima obukhulu obunjengezivunguvungu. Nokho, ukuthanda uNkulunkulu nokunamathela ezimisweni zakhe kusiza amaKristu ukuba akwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nalezi zimo. Kwenzeka kanjani lokho? Impendulo itholakala emfanekisweni kaJesu Kristu. Wafanisa abafundi bakhe abalalelayo “nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” UJesu wathi: “Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nemimoya yayishaya leyo ndlu, kodwa ayizange ibhidlike, ngoba yayisekelwe phezu kwedwala.”—Mathewu 7:24, 25.

Phawula ukuthi nakuba indoda esemfanekisweni kaJesu ihlakaniphile, iyabhekana nezinkinga—ezifanekiselwa imvula enkulu, izikhukhula nemimoya enamandla. Ngakho, uJesu akazange athi abafundi bakhe babengeke babe nezinkinga, noma athi babeyoba nokuphila okunokuthula bangaphazanyiswa yilutho. (IHubo 34:19; Jakobe 4:13-15) Kodwa wathi izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zingazilungiselela ukubhekana ngokuphumelelayo nezinsizi nobunzima.

UJesu waqala lo mfanekiso ngala mazwi: “Wonke umuntu owezwayo la mazwi ami awenze uyofaniswa nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” Yiqiniso, uJesu wayengakhulumi ngokwakha izindlu ezingokoqobo, kodwa wayekhuluma ngokwakha izimfanelo ezinhle ekuphileni. Abalalela amazwi kaKristu basebenzisa ukuqonda nekhono elihle lokwahlulela. Izisusa nezenzo zabo bazakhela edwaleni eliqinile eliyizimfundiso zikaKristu ngokwenza abakufundisiwe. Kuyathakazelisa ukuthi leli dwala elingokomfanekiso alitholakali nje phezulu. Kwakudingeka ukuba le ndoda esemfanekisweni ‘imbe ijule’ ukuze ifike kulo. (Luka 6:48) Ngokufanayo, abafundi bakaJesu basebenza kanzima ukuze babe nezimfanelo ezihlala njalo ezibasondeza kuNkulunkulu.—Mathewu 5:5-7; 6:33.

Kwenzekani lapho ubunzima obukhulu buvivinya ukuqina kwesisekelo sobuKristu sabalandeli bakaJesu? Ukuzimisela kwabo ukulalela izimfundiso zikaKristu nezimfanelo zabo zobuKristu kuyabaqinisa phakathi nalobo bunzima, futhi okubaluleke nakakhulu, kuyobasekela phakathi nobunzima obuyokwandulela i-Armagedoni. (Mathewu 5:10-12; IsAmbulo 16:15, 16) Yebo, ngokulalela izimfundiso zikaKristu, abaningi babhekana nezilingo ezinkulu ngokuphumelelayo. Nawe ungakwazi.—1 Petru 2:21-23.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela