Umuntu Oneminyaka Engaphezu Kweyikhulu Onenjongo Ekuphileni
U-ELIN ungomunye wabantu abangu-60 eSweden muva nje abaye bafakwa ohlwini lwabantu abaneminyaka engu-105 noma ngaphezulu. Yena uneminyaka engu-105. Nakuba evaleleke ekhaya labakhulile, impilo isamvumela ukuba aqhubeke ekhonza njengoFakazi kaJehova okhuthele, inkambo ayikhetha eminyakeni engaphezu kwengu-60 edlule.
Lapho eshumayela kwabanye, u-Elin ulingisa isibonelo somphostoli uPawulu ngesikhathi eboshelwe endlini, engakwazi ukuphumela ngaphandle. UPawulu wayeshumayela kubo bonke ababemvakashela. (IzEnzo 28:16, 30, 31) Ngokufanayo, u-Elin usebenzisa wonke amathuba ukuze axoxe nabantu ngezindaba ezinhle eziseBhayibhelini. Uxoxa nabantu abahlanza ikhaya labo, odokotela bamazinyo, odokotela, abalungisa izinwele, abahlengikazi nabanye ahlangana nabo kule ndawo. Ngezinye izikhathi, abanye abasebandleni akulo bamema ngisho nabantu abafunda nabo iBhayibheli ukuba bavakashele u-Elin ukuze bazuze olwazini lwakhe nakokuhlangenwe nakho kwakhe.
Amalungu ebandla lakubo ayawazisa umoya wakhe wokwenama nelukuluku lakhe lokwazi. Omunye uFakazi uthi: “Unekhono elimangalisayo lokwazi izinto ezenzeka ebandleni. Ukhumbula wonke amagama ezingane nawalabo abasanda kuthuthela ebandleni.” U-Elin waziwa nangokungenisa izihambi, ukuba namancoko nokuba nombono oqondile ngokuphila.
Yini esiza u-Elin ukuba ahlale ejabule futhi egxilile enjongweni yakhe ekuphileni? Usuku ngalunye ufunda umBhalo wosuku encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Esebenzisa isibona-khulu, ufunda nengxenye ethile yeBhayibheli nsuku zonke. Nakuba engakwazi ukuba khona kuyo, u-Elin ulungiselela imihlangano yoFakazi BakaJehova eqhutshwa masonto onke, bese elalela amakhasethi ale mihlangano. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani, ukufunda njalo iBhayibheli, izincwadi ezisekelwe kulo nokungakuyeki ukuba khona emihlanganweni yobuKristu kungasisiza ukuba siphile ukuphila okwanelisayo nokunenjongo.—IHubo 1:2; Hebheru 10:24, 25.