Isimemo Sokuthamela Inkulumo Ekhethekile
Ungase Uzizwe Ulondekile Kuleli Zwe Elinezinkathazo!
Le nkulumo esekelwe eBhayibhelini izonikezwa emhlabeni wonke emazweni angaphezu kuka-230. Ezindaweni eziningi, le nkulumo izoba ngeSonto, ngo-April 15, 2007. Yini ozoyifunda lapho? Nanka amazwibela:
Yini eye yenza izigidi zabantu emhlabeni wonke zazizwa zingalondekile?
Umuzwa wokulondeka washabalala nini ngokukhethekile?
Ukulondeka kwangempela kungatholakala kuphi futhi nini?
Thola izimpendulo zale mibuzo ngokuba khona kule nkulumo yeBhayibheli ebalulekile ezonikezwa ezindaweni eziningi. Ezindaweni eziningi izoba seHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. OFakazi endaweni yakini bayokujabulela ukukunikeza isikhathi nekheli. Sikumema ngokufudumele ukuba ube khona kule nkulumo yeBhayibheli ekhuthazayo nefike ngesikhathi.