Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 5/15 k. 32
  • “Nkosi, Wawuthuleleni?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Nkosi, Wawuthuleleni?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 5/15 k. 32

“Nkosi, Wawuthuleleni?”

LAWA amazwi ashiwo uPapa Benedict XVI, owayevakashele indawo eyayiyikamu lokuhlushwa i-Auschwitz, ePoland, ngo-May 28, 2006. Ekuleyo ndawo lapho amaNazi abulala khona amakhulu ezinkulungwane zamaJuda nabanye, wanezela: “Yeka ukuthi miningi kangakanani imibuzo efikayo uma ukule ndawo! Njalo kufika lo mbuzo: Wayekuphi uNkulunkulu ngalezo zinsuku? Wayethuleleni? Wayengakuvumela kanjani lokhu kucekwa okukhulu kwabantu, lokhu kunqoba kobubi? . . . Kumelwe siqhubeke sikhala ngokuthobeka kuNkulunkulu kodwa siphikelele: Vuka! Ungabakhohlwa abantu, izidalwa zakho!”

Le nkulumo kapapa yabangela ukusabela okuhlukahlukene okuvuthayo. Abanye baphawula ukuthi kukhona izinto ezibalulekile azishiya, njengokungakhulumi kwakhe ngokuzondwa kwamaJuda okwakuhlobene nezenzo zonya zase-Auschwitz. Abanye bathi ngala mazwi akhe wayezama ukuthalalisa isicelo sikaPapa John Paul II sentethelelo yezono ezenziwa isonto. Intatheli engumKatolika, uFilippo Gentiloni yathi: “Nokho, kwakunengqondo ngabaningi abaphawula ukuthi lapho becabanga ngalo mbuzo onzima othi uNkulunkulu wayekuphi—umbuzo ongenampendulo—kunokuba bawuphendule bafisa ukuthola impendulo yalo mbuzo olula: Wayekuphi uPius XII?” Babebhekisela kuPapa Pius XII owathula phakathi nokuQothulwa Kwesizwe.

UkuQothulwa Kwesizwe nazo zonke ezinye izenzo zokuqothulwa kohlanga ezenziwa emlandweni wesintu kufakazela ukuthi ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Ngaphezu kwalokho, uMdali womuntu wayengathule lapho kwenzeka lezi zinto ezishaqisa kangaka. Emakhasini eBhayibheli, uye wazembula izizathu zakhe zokuvumela ububi. UNkulunkulu uye wasiqinisekisa nokuthi akasikhohliwe isintu. Empeleni, inkathi yokuvumela kukaNkulunkulu isintu ukuba sizibuse izophela maduzane. (Jeremiya 10:23) Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngathi? OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukukusiza ukuba uthole impendulo kule mibuzo eyadida uPapa Benedict XVI.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Oświęcim Museum

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela