Igama LikaNkulunkulu Emculweni WesiRashiya
NGO-1877, umqambi wezingoma odumile waseRussia uModest Mussorgsky wanyathelisa ingoma esekelwe endabeni eyenzeka emazweni aseBhayibhelini. Wabhalela umngane wakhe: “Ngiye ngabhala ngendaba eseBhayibhelini ka-Jesus Navinus [uJoshuwa], njengoba nje injalo ngaze ngalandela izindawo uNavinus azinqoba waze wafika eKhanani.” Kwezinye izingoma, kuhlanganise nethi “Ukubhujiswa KukaSaneheribi,” uMussorgsky wasebenzisa nezindaba nabantu abaseBhayibhelini.
Okuphawulekayo ukuthi “kuyiJesus Navinus,” kanye nasohlelweni lwakhe lwango-1874 lwengoma ethi “Ukubhujiswa KukaSaneheribi,” uMussorgsky ubhekisela kuNkulunkulu esebenzisa indlela igama laKhe elibizwa ngayo ngesiRashiya, emiBhalweni YesiHebheru elimelelwa ongwaqa abane—יהוה (YHWH)—futhi elivela izikhathi ezingaba ngu-7 000.
Ngakho, lezi zingoma zikaMussorgsky zibonisa ukuthi igama likaNkulunkulu eliseBhayibhelini—elithi uJehova—lalaziwa emphakathini waseRussia ngaphambi kwekhulu lama-20 leminyaka. Lokho kuyafaneleka ngoba uJehova ngokwakhe watshela uMose: “Yileli igama lami kuze kube nini nanini, futhi lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”—Eksodusi 3:15.
[Isithombe ekhasini 32]
I-St. Petersburg Conservatory ngo-1913, lapho kugcinwe khona wonke umculo onyathelisiwe kaMussorgsky
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Sheet music: The Scientific Music Library of the Saint-Petersburg State Conservatory named after N.A. Rimsky-Korsakov; street scene: National Library of Russia, St. Petersburg