Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 9/15 k. 3
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Jeremiya 11:11—“Ngiyakwehlisela Okubi Phezu Kwabo”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Ubuhle Buqhathaniswa Nobubi—Impi Esinesikhathi Eside
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Ubuhle Buyoke Bunqobe Ububi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 9/15 k. 3

Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi?

NOMAPHI lapho ubheka khona, ubona ububi nokuhlupheka. Izimpi zibulala kwasani, amasosha nabantu abangekho empini. Ubugebengu nobudlova yizinto zemihla ngemihla. Kungenzeka ukuthi muva nje nawe uye wabandlululwa noma waphathwa ngendlela engenabulungisa. Ngokwalokho ozibonele futhi wazizwela khona, kungenzeka ukuthi uke wabuza, ‘Kungani uNkulunkulu evumela ububi?’

Awumusha lo mbuzo. Eminyakeni engaba ngu-3 600 edlule, inceku kaNkulunkulu ethembekile uJobe yabuza: “Kungani ababi beqhubeka bephila?” (Jobe 21:7) Ekhathazwe izenzo ezimbi zabantu bakubo, umprofethi uJeremiya wekhulu leminyaka lesi-7 B.C.E. wabuza: “Kungani kuye kwaba yindlela yababi ephumelele, futhi kungani bonke abakhohlisayo kuyibo abangakhathazekile?” (Jeremiya 12:1) Bobabili uJobe noJeremiya babazi ukuthi uNkulunkulu ulungile. Noma kunjalo, babezibuza ukuthi kungani kwakunobubi obungako. Mhlawumbe nawe kuyakuxaka lokhu.

Abanye abantu basola uNkulunkulu ngobubi nangokuhlupheka. Abanye bayazibuza: ‘Uma uNkulunkulu enawo wonke amandla, elungile futhi enothando, akabuqedi ngani ububi nokuhlupheka? Kungani eye wavumela ububi baqhubeka kwaze kwaba usuku lwethu?’ Isihloko esilandelayo sixoxa ngezimpendulo zale mibuzo kanye neminye ebalulekile.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

AP Photo/Adam Butler

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela