Ingabe UJesu Wayenalo IBhayibheli?
CHA, uJesu wayengenalo iBhayibheli. Kungani? Kungoba iBhayibheli eliphelele esinalo namuhla lalingekho ngesikhathi sikaJesu. Kodwa emasinagogeni kwakugcinwa imiqulu eyayinemibhalo manje eyingxenye yeBhayibheli. UJesu wafunda umqulu ka-Isaya esinagogeni laseNazaretha. (Luka 4:16, 17) Umphostoli uPawulu wezwa ‘kufundwa uMthetho nabaProfethi eningini’ e-Antiyokiya ePhisidiya. (IzEnzo 13:14, 15) Nomfundi uJakobe wathi izincwadi zikaMose ‘zazifundwa emasinagogeni ngawo wonke amasabatha.’—IzEnzo 15:21.
Bakhona yini abantu ngabanye ekhulwini lokuqala ababenemiqulu yemiBhalo Engcwele? Umthenwa ongumTopiya owayekhonza egcekeni leNdlovukazi uKhandakhe kubonakala ayenawo umqulu, ngoba ‘wayehlezi enqoleni yakhe efunda ngokuzwakalayo umprofethi u-Isaya’ ngesikhathi umfundi uFiliphu ehlangana naye endleleni eya eGaza. (IzEnzo 8:26-30) Umphostoli uPawulu wacela uThimothewu ukuba eze “nemiqulu, ikakhulukazi eyesikhumba.” (2 Thimothewu 4:13) Nakuba uPawulu engachazanga ukuthi kwakuyimiqulu yani, kungenzeka kakhulu ukuthi yayiyizingxenye zemiBhalo YesiHebheru.
U-Alan Millard, uprofesa wezilimi zamaSemite, uthi phakathi kwamaJuda, ukuba nemiqulu yemiBhalo cishe “kwakungokwabantu abakhethekile basePalestina, kungokwalabo ababethi bafundile, kungokwabaFarisi abathile nabafundisi abanjengoNikhodemu.” Esinye isizathu salokho ukuthi yayibiza. UMillard uthi cishe “ikhophi ka-Isaya yayibiza odenariyu abayisithupha kuya kwabayishumi” futhi uthi iBhayibheli lesiHebheru eliphelele “lalingahlanganisa imiqulu engu-15 kuya kwengu-20,” noma lalingabiza cishe ingxenye yomholo wonyaka.
IBhayibheli alisho ukuthi uJesu noma abafundi bakhe babenamakhophi abo siqu emiqulu yeBhayibheli noma cha. Kodwa akungatshazwa ukuthi uJesu wayeyazi kahle imiBhalo, ekwazi ukubhekisela kuyo noma ukuyisho ngekhanda. (Mathewu 4:4, 7, 10; 19:4, 5) Akufanele yini lokhu kusishukumise thina namuhla ukuba silazi kahle iBhayibheli njengoba lingabizi kakhulu futhi litholakala kalula?