Ingabe Unomeluleki Ongokomoya?
LAPHO esemncane eneminyaka engu-16 ubudala, u-Uziya waba inkosi yombuso wakwaJuda oseningizimu. Wabusa iminyaka engaphezu kwengu-50, kusukela ngasekupheleni kwekhulu lesi-9 kuya ekuqaleni kwelesi-8 B.C.E. Kusukela esemncane, u-Uziya “waqhubeka enza okuhle emehlweni kaJehova.” Yini eyamthonya ukuba alandele inkambo eqotho? Umlando uthi: “[U-Uziya] waqhubeka ethambekele ekufuneni uNkulunkulu ezinsukwini zikaZakariya, umfundisi wokwesaba uNkulunkulu weqiniso; futhi, ezinsukwini zokufuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu weqiniso wamenza wachuma.”—2 IziKronike 26:1, 4, 5.
Akukuningi okwaziwayo ngoZakariya, umeluleki wenkosi, ngaphandle nje komlando wakhe eBhayibhelini. Kodwa, ‘njengomfundisi wokwesaba uNkulunkulu weqiniso,’ uZakariya waba nethonya elihle kulo mbusi osemusha ekwenzeni okulungile. I-Expositor’s Bible iphawula ukuthi kusobala ukuthi uZakariya “wayeyindoda enolwazi lwezinto ezingcwele, enolwazi oluningi lwezinto ezingokomoya, nekhono lokudlulisela ulwazi lwakhe.” Isazi esithile seBhayibheli saphetha kanje lapho sikhuluma ngoZakariya: “Wayezazi kahle iziprofetho futhi . . . wayeyindoda ehlakaniphile, ezinikele, elungile; futhi, kubonakala sengathi wayenethonya elikhulu ku-Uziya.”
Inkambo ka-Uziya yokwethembeka yamlethela izibusiso eziningi, futhi “wabonisa amandla ngezinga elingaphezu kwelivamile” ngenxa yokuthi “uNkulunkulu weqiniso waqhubeka emsiza.” Yebo, ukuphumelela kwakhe emisebenzini evamile kwakubangelwa ukuphumelela kwakhe ngokomoya “ezinsukwini zikaZakariya.” (2 IziKronike 26:6-8) Lapho u-Uziya esephumelele, wazishiya izimfundiso zikaZakariya, umeluleki wakhe. “Inhliziyo [ka-Uziya] yazidla kwaze kwaba seqophelweni lokubangela incithakalo, kangangokuba wenza isenzo sokungathembeki kuJehova.” Ngenxa yesenzo sokwedelela okukhulu, washaywa ngesifo sesikhumba esinyanyekayo, esamenza wangabe esakwazi ukusebenza, ngakho wayengasenakukwazi nhlobo ukukhonza njengenkosi ngomqondo ophelele.—2 IziKronike 26:16-21.
Ingabe unaye othile esingambiza ngokuthi umeluleki okuthonyela ukuba ‘ufune uNkulunkulu’? Ungaba naye kungakhathaliseki ukuthi usemncane noma usudlulile enkathini yobusha bakho, ungowesilisa noma owesifazane. Mazise umeluleki onjalo, ngoba iseluleko sakhe singakusiza ukuba uqhubeke wenza okulungile emehlweni kaJehova. Mlalele lo mKristu osevuthiwe, usicabangele ngokujulile iseluleko akunika sona. Kwangathi ungelokothe ufulathele amazwi ahlakaniphile ‘alowo mfundisi wokwesaba uNkulunkulu weqiniso.’—IzAga 1:5; 12:15; 19:20.