Ingabe Bewazi?
Zaziyimali engakanani izinhlamvu ezimbili zomfelokazi?
Ekhulwini lokuqala C.E., amaJuda ayekhokha intela yasethempelini yaminyaka yonke “yamadrakma amabili,” ayelingana cishe nomholo wezinsuku ezimbili. (Mathewu 17:24) Ngokuphambene nalokho, uJesu wathi ondlunkulu ababili babethengiswa “ngohlamvu lwemali lwenani elincane,” elilingana nomholo wemizuzu engu-45. Empeleni, ondlunkulu abahlanu babengatholakala ngenani eliphindwe kabili kunaleli, noma ngeholo lemizuzu engaba ngu-90.—Mathewu 10:29; Luka 12:6.
Umnikelo wasethempelini owenziwa umfelokazi oswele uJesu ambona wawungaphansi kakhulu kwalelo nani. Lezi zinhlamvu ezimbili, noma ama-lepton amabili, kwakuyizinhlamvu ezincane zethusi ezazisetshenziswa kwa-Israyeli ngaleso sikhathi. Ayelingana nengxenye eyodwa kwezingu-64 zomholo wosuku, noma umholo wemizuzu engaphansi kwengu-12 uma kubhekwa usuku lomsebenzi olunamahora angu-12.
UJesu Kristu wasazisa isipho somfelokazi njengesikhulu kunesabo bonke ababenikele ‘okuvela enaleni yabo.’ Ngani? Lo mlando uthi wayephethe “izinhlamvu zemali ezimbili ezincane,” ngakho wayengase anikele ngolulodwa agcine olunye. Kodwa, wanikela ngakho ‘konke ayenakho, konke ayeziphilisa ngakho.’—Marku 12:41-44; Luka 21:2-4.
USawulu waziwa nini ngokuthi uPawulu?
Umphostoli uPawulu wazalwa engumHebheru owayeyisakhamuzi saseRoma. (IzEnzo 22:27, 28; Filipi 3:5) Ngakho kungenzeka ukuthi kusukela esemncane wayenawo womabili igama lesiHebheru elithi Sawulu nelesiRoma elithi Pawulu. Nezinye izihlobo zikaPawulu nazo zazinamagama esiRoma nawesiGreki. (Roma 16:7, 21) Ngaphezu kwalokho, kwakungeyona into engavamile ngamaJuda angaleso sikhathi, ikakhulukazi ayehlala ngaphandle kwakwa-Israyeli, ukuba namagama amabili.—IzEnzo 12:12; 13:1.
Iminyaka engaphezu kweshumi ngemva kokuba umKristu, kubonakala sengathi lo mphostoli wayaziwa kakhulu ngegama lakhe lesiHebheru, elithi Sawulu. (IzEnzo 13:1, 2) Kodwa ohambweni lwakhe lokuqala njengesithunywa sevangeli, cishe ngo-47/48 C.E, kungenzeka wakhetha ukusebenzisa igama lakhe lesiRoma, elithi Pawulu. Wayethunywe ukuba amemezele izindaba ezinhle kubantu abangewona amaJuda, ngakho kungenzeka waba nomuzwa wokuthi igama lakhe lesiRoma laliyokwamukeleka kangcono. (IzEnzo 9:15; 13:9; Galathiya 2:7, 8) Kungenzeka futhi wayesebenzisa igama elithi Pawulu ngoba indlela yesiGreki yokuphimisela igama lakhe lesiHebheru, elithi Sawulu, ifana ncamashí negama lesiGreki elaliyinhlamba. Kungakhathaliseki ukuthi sasiyini isizathu sokushintsha, uPawulu wabonisa ukuthi wayezimisele ‘ukuba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo, ukuze ngazo zonke izindlela asindise abathile.’—1 Korinte 9:22.
[Isithombe ekhasini 12]
Ubukhulu be-lepton engokoqobo