Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 3/1 k. 23
  • UMvuseleli Wokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMvuseleli Wokuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Akunakuba Iqiniso!”
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • UJesu Uvusa Indodana Yomfelokazi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 3/1 k. 23

Sondela KuNkulunkulu

UMvuseleli Wokuphila

Luka 7:11-15

INGABE uke wafelwa othandekayo? Uma kunjalo, usuke wabhekana nenye yezinto ezibuhlungu kakhulu ekuphileni. UMdali wethu uyaluqonda usizi lwakho. Ngaphezu kwalokho, angayilungisa imiphumela ebangelwa ukufa. EBhayibhelini, usigcinele umlando wabantu abavuswa ekufeni esikhathini esidlule ukuze abonise ukuthi akayena nje uMuphi wokuphila kodwa futhi unguMvuseleli wako. Ake sicabangele isenzo esisodwa sokuvusa umuntu anikeza iNdodana yakhe, uJesu Kristu, amandla okuba isenze. Ukulandiswa kwalesi simangaliso kulotshwe encwadini kaLuka 7:11-15.

Kwakuwunyaka ka-31 C.E. UJesu waya emzini waseGalile okuthiwa yiNayini. (Ivesi 11) Cishe kwase kuhwalala lapho efika emaphethelweni alo muzi. IBhayibheli liyabika: “Njengoba esondela eduze kwesango lomuzi, bheka! kwakuthwelwe umuntu ofile kuphunywa naye, indodana ezelwe yodwa kunina. Ngaphandle kwalokho, wayengumfelokazi. Isixuku esikhulu esivela emzini naso sasinaye.” Ivesi 12) Cabanga indlela lo mama ongumfelokazi ayedabuke ngayo. Njengoba ayeshonelwe yindodana ewukuphela kwayo, wayeselahlekelwe umnakekeli nomvikeli okwesibili.

UJesu wanaka kakhulu umama odabukile, okungenzeka wayehamba eduze nohlaka okwakuthwelwe ngalo isidumbu sendodana yakhe. Ukulandisa kuthi: “Lapho iNkosi imbona, yamhawukela, yathi kuye: ‘Yeka ukukhala.’” (Ivesi 13) Usizi lwalo mfelokazi lwamthinta ngokujulile uJesu. Mhlawumbe wayecabanga ngowakhe umama, okungenzeka wayesengumfelokazi ngaleso sikhathi, owayezodabuka lapho naye efa maduzane.

UJesu wasondela—hhayi ukuze angene esixukwini. Ebonisa igunya, ‘wathinta uhlaka’ wamisa nesixuku. Ngemva kwalokho ekhuluma ngezwi lomuntu onamandla ngaphezu kokufa, wathi: “‘Nsizwa, ngithi kuwe, Vuka!’ Lo muntu ofile wavuka wahlala futhi waqala ukukhuluma, yamnika unina.” (Amavesi 14, 15) Le nsizwa yayisithathwe ukufa unina engasenabani. Ngakho lapho uJesu ‘eyinika unina,’ baphinde baba umkhaya. Akungabazeki ukuthi usizi olwalusenhliziyweni yalowo mfelokazi lwathathelwa indawo yizinyembezi zenjabulo.

Ingabe inhliziyo yakho iyayilangazelela injabulo enjalo—ukuhlanganiswa nothandekayo osewafa? Qiniseka ukuthi uNkulunkulu uzwelana nawe. Ububele bukaJesu ngalo mfelokazi owayesosizini bubonisa uzwela lukaNkulunkulu, ngoba uJesu wabonakalisa ubuntu bukaYise uqobo ngokuphelele. (Johane 14:9) IBhayibheli lisifundisa ukuthi uNkulunkulu ulangazelela ukuvusa abafileyo abasenkumbulweni yakhe. (Jobe 14:14, 15) IZwi lakhe, iBhayibheli, lisinikeza ithemba elimangalisayo lokuphila epharadesi lasemhlabeni nokubona ukuvuswa kwabafileyo bethu abathandekayo. (Luka 23:43; Johane 5:28, 29) Kungani ungafundi okwengeziwe ngoMvuseleli wokuphila nokuthi ungalenza kanjani lelo themba libe ngelakho?

[Isithombe ekhasini 23]

“Lo muntu ofile wavuka wahlala futhi waqala ukukhuluma, yamnika unina”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela