Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Isikhukhula Sosuku LukaNowa Samboza Wonke Umhlaba Ngempela?
ISikhukhula sikaNowa senzeka eminyakeni engaphezu kwengu-4 000 edlule. Ngakho abekho ofakazi bokuzibonela abasinda emhlabeni abangasitshela ngaso. Kodwa kunomlando olotshiwe waleyo nhlekelele, othi isikhukhula samboza intaba ephakeme kunazo zonke ngaleso sikhathi.
Umlando ufundeka kanje: “Uzamcolo waqhubeka izinsuku ezingamashumi amane phezu komhlaba . . . Amanzi awusibekela kakhulu umhlaba kangangokuthi zonke izintaba ezinde ezazingaphansi kwawo wonke amazulu zambozeka. Amanzi azisibekela aze afinyelela izingalo eziyishumi nanhlanu [amamitha angaba ngu-6,5] nezintaba zambozeka.”—Genesise 7:17-20.
Abanye bangase bazibuze ukuthi umlando othi wonke umhlaba wambozwa amanzi uyinganekwane yini noma uyihaba. Akunjalo neze! Empeleni, umhlaba usambozwe yisikhukhula ngandlela-thile. Amanzi olwandle asibekela cishe amaphesenti angaba ngu-71 obuso bomhlaba. Ngakho empeleni, amanzi esikhukhula asekhona. Futhi uma izinguzunga zeqhwa neqhwa elisemaphethelweni enyakatho naseningizimu belingancibilika, amanzi olwandle abengasibekela amadolobha anjengeNew York neTokyo.
Izazi zokuma komhlaba ezihlola izwe enyakatho-ntshonalanga ye-United States zikholelwa ukuthi endulo kwahlasela izikhukhula ezingaphezu kwekhulu ezamboza yonke le ndawo. Esinye salezi zikhukhula kuthiwa sahlasela le ndawo kungazelelwe, amanzi aso aphakama ngamamitha angu-600, sihamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-105 ngehora—amanzi angama-cubic kilometer angu-2 000 nesisindo esingaphezu kwamathani ayizigidi zezigidi ezimbili. Imiphumela efanayo eyatholwa yaholela abanye ososayensi ukuba bakholelwe ukuthi kungenzeka isikhukhula somhlaba wonke saba khona.
Kodwa kulabo abakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, isikhukhula somhlaba wonke asiyona nje into okungenzeka ukuthi yaba khona. Siyiqiniso. UJesu wathi ngoNkulunkulu: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) UPawulu wayengabafundisa kanjani abalandeli bakaJesu izimfundiso eziyiqiniso uma iZwi likaNkulunkulu linezinganekwane?
UJesu wayengakholelwa nje ukuthi iSikhukhula saba khona kuphela kodwa nokuthi samboza umhlaba wonke. Esiprofethweni sakhe esivelele mayelana nokuba khona kwakhe nokuphela kwalesi simiso sezinto, wafanisa lezo zenzakalo nesikhathi sikaNowa. (Mathewu 24:37-39) Umphostoli uPetru naye wabhala ngesikhukhula sosuku lukaNowa: “Ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi.”—2 Petru 3:6.
Uma uNowa nesikhukhula sembulunga yonke kuyinganekwane, isixwayiso uPetru noJesu abasinika labo abaphila ezinsukwini zokugcina sasiyoba yize. Esikhundleni sokuba yisixwayiso, imibono enjalo ibiyobadida abantu ngokomoya futhi isongele amathuba abo okusinda osizini olukhulu kuneSikhukhula sikaNowa.—2 Petru 3:1-7.
Ekhuluma ngesihe esingapheli ngabantu bakhe, uNkulunkulu wathi: “Njengoba nje ngifungile ukuthi amanzi kaNowa ngeke aphinde adlule emhlabeni, kanjalo ngifungile ukuthi ngeke ngikuthukuthelele noma ngikusole.” Njengoba nje iSikhukhula sikaNowa samboza umhlaba wonke, nomusa kaNkulunkulu wothando uyoba phezu kwalabo abamethembayo.—Isaya 54:9.