Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 6/15 k. 27
  • Ingabe UJesu Wayekhuluma Ngesihogo Somlilo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UJesu Wayekhuluma Ngesihogo Somlilo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Liyini Ichibi Lomlilo? Ingabe Liyafana Nesihogo Noma NeGehena?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Yini UJesu Ayifundisa Ngesihogo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Isihogo—Ingabe Ukuhlushwa Kwaphakade Noma Ithuna Elivamile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukukhanya Ezizweni
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 6/15 k. 27

Ingabe UJesu Wayekhuluma Ngesihogo Somlilo?

ABANYE abantu abakholelwa emfundisweni yesihogo somlilo bathi basekela lokhu emazwini kaJesu akuMarku 9:48 (noma emavesini 44, 46). Wakhuluma ngezimpethu ezingafi nangomlilo ongacimi. Uma othile engakubuza ngala mazwi, ungamphendula kanjani?

Kuye ngokuthi iyiphi inguqulo yeBhayibheli ayisebenzisayo, lowo muntu angase afunde amavesi 44, 46, noma ivesi 48 ngoba ayafana kwezinye izinguqulo.a INguqulo Yezwe Elisha ifundeka kanje: “Uma iso lakho likukhubekisa, lilahle; kungcono kakhulu ukuba ungene embusweni kaNkulunkulu uneso elilodwa kunokuba uphonswe eGehena unamehlo womabili, lapho impethu yabo ingafi khona nalapho umlilo ungacimi khona.”—Marku 9:47, 48.

Kunoma ikuphi, abanye bathi amazwi kaJesu asekela umbono wokuthi ngemva kokufa imiphefumulo yababi ihlushwa phakade. Ngokwesibonelo, amazwi akuyi-Sagrada Biblia yeSpanishi yase-University of Navarre athi: “INkosi yethu isebenzisa [la mazwi] ukubhekisela ekuhlushweni esihogweni. Ngokuvamile, ‘impethu engafi’ ichazwa njengokuzisola kwaphakade okuhlupha labo abasesihogweni; futhi ‘umlilo ongacimi’ uchazwa njengobuhlungu ababuzwa emzimbeni.”

Nokho, qhathanisa amazwi kaJesu nevesi lokugcina lesiprofetho sika-Isaya.b Akucaci yini ukuthi uJesu wayebhekisele evesini eliku-Isaya isahluko 66? Kubonakala sengathi kulelo vesi umprofethi wayekhuluma ngokuphuma “eJerusalema uye endaweni ezungeze iSigodi SikaHinomu (iGehena), lapho kwake kwenziwa khona imihlatshelo ngabantu (Jer 7:31) futhi eyagcina isiyindawo umuzi olahla kuyo udoti.” (The Jerome Biblical Commentary) Kuyacaca ukuthi inkulumo engokomfanekiso eku-Isaya 66:24 ayisho abantu abahlushwayo; isho izidumbu. Lokho ethi akufi yizibungu—hhayi abantu abaphilayo noma imiphefumulo engafi. Ngakho, asho ukuthini amazwi kaJesu?

Phawula lokho incwadi yamaKatolika i-El evangelio de Marcos: Análisis lingüístico y comentario exegético, uMqulu II, ekushoyo ngoMarku 9:48: “Le nkulumo icashunwe ku-Isaya (66,24). Lapha umprofethi ubonisa izindlela ezimbili izidumbu ezazivame ukushabalaliswa ngazo: ukubola nokushiswa . . . Ukukhuluma ngezibungu nangomlilo kuleli vesi kugcizelela umqondo wokubhujiswa. . . . Zombili lezi zinto ezibhubhisayo zichazwa njengezingapheli (‘awucimi, azifi’): ayikho nje indlela yokuzibalekela. Kulo mfanekiso, ukuphela kwezinto ezingapheli yizibungu nomlilo—hhayi umuntu—futhi kokubili kubhubhisa yonke into okuyitholayo. Ngakho, lapha akuchazwa ukuhlushwa phakade, kodwa kuchazwa ukubhujiswa ngokuphelele okusho ukufa kokugcina, njengoba kungenalo uvuko. Ngakho, [umlilo] ufanekisela ukubhujiswa okuphelele.”

Noma imuphi umuntu owaziyo ukuthi uNkulunkulu weqiniso unothando nobulungisa kufanele akwazi ukubona ukuthi kunengqondo kangakanani ukuqonda amazwi kaJesu ngale ndlela. Wayengasho ukuthi ababi bayohlushwa phakade. Kunalokho, wayesho ukuthi basengozini yokubhujiswa phakade okungenalo ithemba lovuko.

[Imibhalo yaphansi]

a Imibhalo yesandla yeBhayibheli ethembeke kakhulu ayinawo amavesi 44 no-46. Izazi ziyavuma ukuthi kungenzeka ukuthi la mavesi amabili anezelwa kamuva. UProfesa Archibald T. Robertson uyabhala: “Imibhalo yesandla emidala kunayo yonke nesezingeni eliphakeme kakhulu ayinawo la mavesi amabili. Afika namaqoqo emibhalo yesandla yaseNtshonalanga naseSiriya (eByzantium) futhi amane aphindaphinda ivesi 48. Ngakho, [siwakhiphile] amavesi 44 no-46 angeyona ingxenye yemiBhalo ephefumulelwe.”

b “Empeleni bayophuma babuke izidumbu zabantu ababeqa umthetho wami; ngoba izibungu ezikubo ngeke zife nomlilo wabo ngeke ucime, bayoba yinto enyantisayo kuyo yonke inyama.”—Isaya 66:24.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela