“Leli Igama LikaNkulunkulu Elingcwele Nelikhulu Kunawo Wonke Ngempela”
UNicholas waseCusa washo la mazwi entshumayelweni ayinikeza ngo-1430.a Wayeyindoda eyayithanda izinto eziningi. Ngokwesibonelo, wagxila ekufundeni isiGreki, isiHebheru, ifilosofi, imfundiso yenkolo, izibalo nesayensi yokuhlolwa kwezinkanyezi. Lapho eneminyaka engu-22, wathola iziqu zobudokotela zomthetho wesonto lamaRoma Katolika. Ngo-1448 wamiswa njengokhadinali.
Eminyakeni engaba ngu-550 edlule, uNicholas waseCusa wavula ikhaya lasebekhulile eKues, manje eyaziwa ngokuthi iBernkastel-Kues, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angu-130 eningizimu yeBonn, eJalimane. Kulesi sakhiwo manje kunomtapo wezincwadi onemibhalo yesandla kaCusa engaphezu kwengu-310. I-Codex Cusanus 220 ingomunye wemibhalo yakhe yesandla okukhona kuwo intshumayelo yakhe ayinikeza ngo-1430. Kuleyo ntshumayelo, enesihloko esithi In principio erat verbum (Ekuqaleni Wayekhona ULizwi), uNicholas waseCusa wasebenzisa igama likaJehova, ngesiLatin elithi Iehoua.b Ikhasi 56 linala mazwi ngegama likaNkulunkulu: “Liyigama eliqanjwe uNkulunkulu. LiyiTetragrammaton, okungukuthi, linezinhlamvu ezine. . . . Leli igama likaNkulunkulu elingcwele nelikhulu kunawo wonke ngempela.” La mazwi kaNicholas waseCusa avumelana neqiniso lokuthi igama likaNkulunkulu liyavela embhalweni wokuqala wemiBhalo YesiHebheru.—Eks. 6:3.
Le codex yasekuqaleni kwekhulu le-15 ingomunye wemibhalo emidala kakhulu esekhona, ehumushe iTetragrammaton ngelithi “Iehoua.” Le ntshumayelo elotshiwe ibuye ibe ubufakazi obubonisa ukuthi izindlela ezivame kakhulu zokubhala igama likaNkulunkulu osekungamakhulu eminyaka zisetshenziswa bezilokhu zisondele kwethi “Jehova.”
[Imibhalo yaphansi]
a UNicholas waseCusa wayaziwa nangokuthi uNikolaus Cryfts (Krebs), uNicolaus Cusanus nangokuthi uNikolaus von Kues. Elithi Kues laliyigama ledolobha laseJalimane azalelwa kulo.
b Le ntshumayelo yayisekela imfundiso kaZiqu-zintathu.
[Isithombe ekhasini 16]
UMtapo wezincwadi KaCusa