Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 2/1 k. 8
  • Ingabe UNkulunkulu Uyangikhathalela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyangikhathalela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ababusi Endaweni Yomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Isitha Sokuphila Okuphakade
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 2/1 k. 8

Ingabe UNkulunkulu Uyangikhathalela?

Izimpendulo ezivamile:

▪ “UNkulunkulu uphakeme kakhulu ukuthi angakhathazeka ngezinkinga zami.”

▪ “Angicabangi ukuthi unendaba nami.”

Wathini uJesu?

▪ “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho nowodwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. Kodwa ngisho nezinwele zamakhanda enu zibaliwe zonke. Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Luka 12:6, 7) Ngokungangabazeki, uJesu wafundisa ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela.

▪ “Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.” (Mathewu 6:31, 32) UJesu wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyazazi izidingo zethu.

IBHAYIBHELI lisho ngokuqondile ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela. (IHubo 55:22; 1 Petru 5:7) Uma kunjalo, kungani sibhekana nokuhlupheka okungaka namuhla? Uma uNkulunkulu enothando futhi enamandla onke, kungani engenzi okuthile ukuze aqede ukuhlupheka?

Impendulo ihilela neqiniso elingaziwa lokuthi uSathane uDeveli ungumbusi waleli zwe elibi. Lapho elinga uJesu, uSathane wamthembisa ukumnika yonke imibuso yomhlaba, ethi: “Ngizokunika lonke leli gunya nenkazimulo yale mibuso, ngoba linikezwe mina, futhi ngilinika noma ubani engithanda ukumnika lona.”—Luka 4:5-7.

Ubani owagcoba uSathane njengombusi wezwe? Lapho abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, belalela uSathane futhi behlubuka kuNkulunkulu, empeleni bakhetha uSathane njengombusi wabo. Kusukela ngenkathi yokuvukela kwabo, uJehova uNkulunkulu ngesineke uvumele isikhathi ukuba sibonise ukuthi ukubusa kukaSathane kwehluleka ngokuphelele. UJehova akabaphoqanga abantu ukuba bamkhonze, kodwa usivulele indlela yokuba sibuyisane naye.—Roma 5:10.

Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela, wenze amalungiselelo okuba uJesu asikhulule ekubuseni kukaSathane. Maduze nje, uJesu ‘uzomenza ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli.’ (Hebheru 2:14) Ngokwenza kanjalo, ‘uyobhidliza imisebenzi kaDeveli.’—1 Johane 3:8.

IPharadesi liyobuyiselwa kulo mhlaba. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abantu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [ziyobe] zidlulile.”—IsAmbulo 21:4, 5.a

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe kokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, bheka isahluko 11 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

IPharadesi liyobuyiselwa kulo mhlaba

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela