Abasakwesabi Ukuphela
NGASEKUPHELENI kwawo-1970, uGary noKaren babeqiniseka ngokuthi kwase kuseduze ukuba umhlaba uphele. Ngakho, bathutha edolobheni bayohlala emaphandleni futhi banquma ukuzenzela izinto nokungathembeli ezinkonzweni zikahulumeni. Babefuna ukusinda.
Ukuze babe namakhono ayezobasiza, bathenga izincwadi, bahamba amakilasi nezingqungquthela ezifundisa amakhono futhi bazama ukuthola ulwazi kubantu abaningi ngangokunokwenzeka. Batshala ingadi yemifino nezihlahla zezithelo ezingu-50. Bathenga imbewu eningi namathuluzi. Bafunda ukutshala nokulondoloza ukudla. Umngane wabo wabafundisa ukuhlaba isilwane nokomisa inyama. UKaren wafunda ukubona umahluko phakathi kwezimpande ezidliwayo nezingadliwa ehlathini ukuze badle zona uma bephelelwa ukudla. UGary wafunda ukubasa ngommbila, wazikhandela isitofu sensimbi futhi wakha indlu enophahla oludonsa amandla elangeni ukuze bathole ugesi.
UKaren uthi: “Ngenxa yokuthi izinto zazizimbi kakhulu emhlabeni ngaleso sikhathi ngangicabanga ukuthi umhlaba uzophela.” UGary uyachaza: “Njengenye intsha ngangenela amaqembu azama ukuqeda ukucwasana ngokohlanga, iMpi yaseVietnam nenkohlakalo. Kodwa kungakabiphi ngadumala ngoba abantu babebonakala befuna ukuyozifaka eweni.”
UGary uthi: “Ngobunye ubusuku kungekho lutho engilwenzayo ngathatha iBhayibheli ngalifunda kusukela kuMathewu kuya kusAmbulo. Ubusuku obune obalandela, ngangisalokhu ngilifunda. Ngosuku lwesihlanu ekuseni, ngatshela uKaren: ‘Siphila ezinsukwini zokugcina. Maduzane uNkulunkulu uzothatha isinyathelo sokuhlanza umhlaba. Kufanele sithole abazosinda.’” UGary noKaren bangena baphuma ezinkolweni ezihlukahlukene befuna abantu abafuna ukulungiselela ukufika kokuphela.
Phakathi naleso sikhathi, bavakashelwa omunye woFakazi BakaJehova futhi waqala ukufunda nabo iBhayibheli. UKaren uyakhumbula: “Ngangijabule kakhulu ngoba ngangichazelwa kahle ukuthi imiBhalo isho ukuthini. Kwase kuyisikhathi eside ngifuna ukwazi iqiniso ngokuphela, futhi ekugcineni ngalithola. Ngajabula ukwazi ukuthi kunethemba eliqinisekile ngekusasa. Okuhle nakakhulu ukuthi ngaqala ukwakha ubungane noBaba osezulwini, uMdali noNkulunkulu wendawo yonke.”
UGary uthi: “Ngaqala ukuba nenjongo yangempela ekuphileni. Kwakungavumi ngilibeke phansi iBhayibheli. Ngangifunda iziprofetho zeBhayibheli, ngihlole ubufakazi bokugcwaliseka kwazo futhi ngaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ngokushesha. Ngacabanga, ‘Abantu kufanele bazilungiselele ukuphila uNkulunkulu asifisela khona, hhayi inhlekelele.’” UGary noKaren baqala ukuba nombono omuhle ngekusasa. Kunokukhathazeka ngokuphela komhlaba, baba nethemba lokuthi uNkulunkulu uzoqeda izinkinga zabantu futhi abuyisele umhlaba esimweni sepharadesi.
Benzani uGary noKaren manje, njengoba sekudlule iminyaka engaba ngu-25 bafunda ngoNkulunkulu? UKaren uthi: “Ngiyaqhubeka ngiqinisa uthando nokholo lwami kuJehova uNkulunkulu, futhi ngizama ukusiza abanye ukuba benze okufanayo. Mina noGary siyasekelana njengoba silwela ukugcina umndeni wethu uqinile futhi umunye ekukhulekeleni uNkulunkulu. Sizama ukuhlala sihlelekile, futhi silwela ukugcina ukuphila kwethu kulula ukuze sikwazi ukusiza abanye futhi sinakekele izidingo zabo.”
UGary uyanezela: “Ngithandaza njalo ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike ulethe impumuzo ezigidini zabantu. Isikhathi ngasinye lapho ngixoxa nabantu ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngithandazela ukuba ngikwazi ukunika okungenani oyedwa ithemba elivela eBhayibhelini. Phakathi neminyaka engaphezu kwengu-25, uJehova ubelokhu engibonisa umusa futhi ephendula lowo mthandazo. Mina noKaren sikholelwa ukuthi maduzane uzoletha izinguquko ezinkulu emhlabeni, kodwa asisakwesabi ukuphela.”—Mathewu 6:9, 10; 2 Petru 3:11, 12.
[Isithombe ekhasini 9]
Manje uGary noKaren bajabulela ukusiza abanye ukuba babe nethemba elivela esigijimini seBhayibheli