Sondela KuNkulunkulu
Ubonisa Ukuthi Uyasihlonipha Ngokusinika Inkululeko Yokuzikhethela
ABAZALI kufanele babekele izingane zabo isibonelo esihle. Ithonya labo elihle lingase lisize ingane ukuba ibe nezimfanelo ezinhle futhi yenze izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni. Okudabukisayo ukuthi abazali abaningi bazibekela isibonelo esibi izingane zabo. Ingabe lokho kusho ukuthi lezo zingane kuyozihambela kabi ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi zenzani? Impendulo siyithola eqinisweni eliduduza kakhulu—uJehova uNkulunkulu uye wabonisa ukuthi uyasihlonipha ngokusipha inkululeko yokuzikhethela. Cabanga ngendaba kaHezekiya ekweyesi-2 AmaKhosi 18:1-7.
UHezekiya ‘wayeyindodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda.’ (Ivesi 1) U-Ahazi wachezukisa abantu ayebabusa ekukhulekeleni uJehova ngendlela ehlanzekile. Le nkosi embi yayikhulekela uBhali, okwakuhlanganisa umkhuba wokwenza imihlatshelo ngabantu. Yabulala umfowabo kaHezekiya oyedwa noma ngaphezulu. Yayala ukuba iminyango yethempeli ivalwe futhi ‘yazenzela ama-altare kuwo wonke amagumbi eJerusalema.’ U-Ahazi “wamcasula uJehova.” (2 IziKronike 28:3, 24, 25) Ngokusobala, uyise kaHezekiya wayemubi kakhulu. Kodwa ingabe lokho kwakusho ukuthi naye wayezophinda amaphutha kayise?
Lapho esethathe ubukhosi, uHezekiya wabonisa ngokushesha ukuthi wayengeke alawulwe isibonelo sikayise esibi. “Waqhubeka enza okulungile emehlweni kaJehova.” (Ivesi 3) Wathembela kuJehova, futhi “akubanga namuntu onjengaye phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda.” (Ivesi 5) Onyakeni wayo wokuqala wokubusa, le nkosi encane yaqala ukubuyisela ukukhulekela okuhlanzekile okwahlanganisa ukususwa kwezindawo eziphakeme lapho kwakukhulekelwa khona onkulunkulu bamaqaba. Ithempeli laphinde lavulwa nokukhulekela okuhlanzekile kwabuyiselwa. (Ivesi 4; 2 IziKronike 29:1-3, 27-31) UHezekiya “wanamathela kuJehova . . . uJehova waba naye.”—Amavesi 6, 7.
Yini eyasiza uHezekiya ukuba angathonywa isibonelo sikayise esibi? Kungenzeka yini ukuthi unina, u-Abhiya—esingamazi kangako—waba nethonya elihle endodaneni yakhe? Ingabe le nkosana yathonywa isibonelo esihle sika-Isaya, owaqala inkonzo yakhe yokuprofetha ngaphambi kokuba izalwe?a IBhayibheli alisho. Kunoma yikuphi, iyodwa into esiqiniseka ngayo: UHezekiya wakhetha ukuphila ngendlela ehluke kakhulu kwekayise.
Isibonelo sikaHezekiya siyisikhuthazo kunoma ubani okungenzeka wakhuliswa kabi abazali bakhe. Izinto esezadlula ngeke sazishintsha; ngeke sakwazi ukuzicima izinto ezibuhlungu esadlula kuzo. Kodwa lezo zinto azisho ukuthi ngeke siphumelele. Singenza izinqumo manje ezingasenza sijabule esikhathini esizayo. NjengoHezekiya, singakhetha ukuthanda nokukhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Ukukhetha okunjalo kungasenza sibe nokuphila okwanelisayo manje futhi kungaholela ekuphileni okuphakade ezweni likaNkulunkulu elisha. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Yeka indlela okufanele simbonge ngayo uNkulunkulu wethu onothando onikeze ngamunye wethu isipho esiyigugu kakhulu—inkululeko yokuzikhethela!
[Umbhalo waphansi]
a U-Isaya waqala ukuprofetha cishe kusukela ngo-778 B.C.E. kwaze kwaba cishe ngemva kuka-732 B.C.E. UHezekiya waqala ukubusa ngo-745 B.C.E., eneminyaka engu-25.