Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 3/1 kk. 2-3
  • Isiprofetho Esibaluleke Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiprofetho Esibaluleke Kakhulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Marku 1:15—“UMbuso KaNkulunkulu Ususondele”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Usuzobhubha Yini Umhlaba?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 3/1 kk. 2-3

Isiprofetho Esibaluleke Kakhulu

“Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—MATHEWU 24:14.

IZAZI zivumelana ngokuthi leli vesi libaluleke kakhulu. Libaluleke ngokuthi lichaza umsebenzi owenziwa emhlabeni wonke. Libaluleke nangokuthi likhuluma ngalokho okufanele kwenziwe amaKristu—umsebenzi wokushumayela oyokwandulela futhi umemezele isenzakalo esibaluleke kakhulu nesiyothinta izinto eziningi uJesu asibiza ngokuthi “ukuphela.”

Leli vesi eliyisiprofetho liyagcwaliseka namuhla. Liyakuthinta ngoba izindaba ezinhle ziqukethe isimemo nesixwayiso. Likunika ithuba lokukhetha phakathi kwalezi zinto ezimbili: Ukwamukela uMbuso kaNkulunkulu noma ukumelana nawo. Okukhethayo kuyothinta ukuphila kwakho.

Cabangela umongo. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba uJesu abethelwe, abafundi beza kuye bambuza ngekusasa. Babefuna ukwazi ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu uJesu ayesekhulume kaningi ngawo. Babefuna nokwazi ‘ngesiphelo sesimiso sezinto,’ noma ‘ngokuphela kwezwe’ njengoba ezinye izinguqulo zikubeka.—Mathewu 24:3, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

Lapho ephendula, uJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba khona izimpi, indlala, izifo eziwumshayabhuqe nokuzamazama komhlaba okukhulu emhlabeni wonke. Wabuye wathi ukwephulwa komthetho kwakuyokwanda, abefundisi benkolo yamanga badukise abantu abaningi, amaKristu eqiniso azondwe futhi ashushiswe. Konke lokhu kwakuyizindaba ezimbi.—Mathewu 24:4-13; Luka 21:11.

Kodwa zazikhona nezindaba ezinhle. UJesu wabe esekhuluma amazwi acashunwe ngenhla, amazwi osekungamakhulu eminyaka ephakamisa imibuzo ezingqondweni zabantu futhi ebanikeza ithemba. Nakuba abantu bevumelana ngokuthi amazwi kaJesu abalulekile, abavumelani ngencazelo yawo. Ziyini ngempela lezi zindaba ezinhle? Uyini uMbuso? Siyogcwaliseka nini lesi siprofetho futhi obani abayosigcwalisa? Kuyini ukuphela? Masibone.

[Isithombe emakhasini 2, 3]

Umbhalo Wesandla WaseWashington Ofana NamaVangeli Amane. UMathewu 24:14 ugqanyisiwe

[Umthombo]

From the book Facsimile of the Washington Manuscript of the Four Gospels in the Freer Collection 1912

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela