Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 6/1 k. 18
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umpristi Ophakeme Owalahla UJesu Ngecala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • UJesu Uyiswa Ku-Anase Bese Eyiswa KuKayafase
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuyiswa KuAnase, Kamuva KuKayafase
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • “Ufanelwe Ukufa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 6/1 k. 18

Ingabe Bewazi?

Ingabe zikhona izizathu ezikhethekile zokuba sitshelwe ukuthi umphostoli uPetru wahlala nomshuki wezikhumba ngaphambi kokuthunyelwa kuKorneliyu?

▪ Ukulandisa okusencwadini yezEnzo kuthi uPetru wahlala “eJopha izinsuku eziningana noSimoni othile, umshuki,” ‘owayenendlu ngasolwandle.’ (IzEnzo 9:43; 10:6) AmaJuda ayebheka umsebenzi wokushuka izikhumba njengongcolile nophansi. Umbhalo weTalmud uthi lo msebenzi wawubhekwa njengophansi ukwedlula ngisho owokucosha ubulongwe. Wawenza uSimoni athinte izidumbu zezilwane njalo, okusho ukuthi wayehlala engongcolile ngokwesiko. (Levitikusi 5:2; 11:39) Ngokusho kwezazi ezihlukahlukene zale ndaba, kungenzeka ukuthi uSimoni wayesebenzisa amanzi asolwandle ukuze ashuke izikhumba futhi kungenzeka ukuthi indawo ayesebenzela kuyo yayisemaphethelweni omuzi ngoba ukushuka izikhumba kuhambisana “nephunga elibi.”

Nokho, kusobala ukuthi uPetru akazange abe nenkinga yokuhlala noSimoni. Lokhu kubonisa ukuthi mhlawumbe wayesefundile ukumelana nenkinga yamaJuda eyayidlangile yokubandlulula abantu ababhekwa njengabangahlanzekile, njengoba nje noJesu ayemelane nayo ngaphambili.—Mathewu 9:11; Luka 7:36-50.

Asho ukuthini amazwi kaJesu athi “wena ngokwakho ushilo”?

▪ Lapho uKayafase, umpristi omkhulu wamaJuda, ethi uJesu makavume obala ukuthi unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, uJesu waphendula: “Wena ngokwakho ushilo.” (Mathewu 26:63, 64) Wayesho ukuthini uJesu?

UJesu wayengazami ukugwema umbuzo kaKayafase. Kusobala ukuthi inkulumo ethi “wena ngokwakho ushilo” yayiyindlela evamile yokukhuluma eyayisho ukuthi okushiwo kuyiqiniso. Ngokwesibonelo, i-Jerusalem Talmud, incwadi yenkolo yamaJuda eyahlanganiswa ngekhulu lesine C.E., ikhuluma ngendoda ethile engumJuda eyabuzwa ukuthi urabi ufile yini. Yaphendula: “Wena ushilo.” Leyo mpendulo yayisho ukuthi ngempela urabi ufile.

UJesu wayazi ukuthi umpristi ophakeme unegunya lokumbophezela ukuba akhulume amaqiniso wodwa futhi wayekuhlonipha lokho. Ngaphezu kwalokho, ukuthula kwakungase kubonakale sengathi uyaphika ukuthi unguKristu. Ngakho, lapho ephendula ngokuthi: “Wena ngokwakho ushilo,” wayevuma lokho okwakubuzwa umpristi ophakeme. Ekulandiseni kukaMarku okufanayo, lapho ebuzwa uKayafase ukuthi unguMesiya yini, uJesu waphendula ngesibindi: “Nginguye.”—Marku 14:62; bheka uMathewu 26:25 noMarku 15:2.

[Isithombe ekhasini 18]

Indawo yokushuka izikhumba Efez, eMorocco

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela