Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 11/1 k. 3
  • Ingabe Kunendaba Ukuthola Impendulo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kunendaba Ukuthola Impendulo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Wabiza USara Ngokuthi INkosazane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Kungani Kufanele Siphile Ngemithetho YeBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Ungowesifazane Omuhle”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 11/1 k. 3

Ingabe Kunendaba Ukuthola Impendulo?

“Ngangineminyaka eyishumi lapho ngiqala ukuzikhipha nabafana. Ekuqaleni, sasibambana ngezandla futhi siqabulane. Nokho, kungakabiphi saqala ukuphululana izitho zangasese futhi saqala ukuziphatha ngezindlela ezimbi ezihlukahlukene. Lapho ngineminyaka engu-15, ngaqala ukusebenza futhi amadoda engangisebenza nawo ayengeshela efuna ukulala nami. Ngangifuna ukungena emshungwini futhi ngenze noma yini eyenziwa abantu engangisebenza nabo. Ngangifuna ukwamukeleka, okwaholela ekutheni ngingene shí ekuzitikeni ngocansi.”—USARAH,a E-AUSTRALIA.

CISHE kuzokumangaza ukwazi ukuthi uSarah wakhuliswa ekhaya elikhonza uNkulunkulu. Abazali bakhe bazama ukumfundisa ukuba aphile ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha. Kodwa yena wakhetha inkambo ehlukile.

Abaningi abanankinga ngokukhetha kukaSarah. Bakholelwa ukuthi umbono weBhayibheli ngocansi usuphelelwe isikhathi. Abanye abayiboni inkinga uma umuntu ethi uyikholwa ebe enza izinto azithandayo uma kuziwa kwezocansi.

Kunendaba yini ukwazi okufundiswa yiBhayibheli ngocansi nokuphila ngakho? IBhayibheli lithi ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo yokufundisa.’ (2 Thimothewu 3:16) Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala abantu nokuthi iBhayibheli liyiZwi lakhe eliphefumulelwe, kuyafaneleka-ke ukufuna ukwazi lokho elikushoyo ngale ndaba.

Ngeshwa, abaningi badidekile ngokuthi lifundisani iBhayibheli ngocansi. Abaholi benkolo abathi bahlonipha iBhayibheli bakhuthaza imibono engqubuzanayo. Eqinisweni, le ndaba iye yawahlukanisa phakathi amasonto amaningi amakhulu.

Kunokuthembela kulokho okushiwo abanye, sikucela ukuba uzinike imizuzu embalwa uzihlolele le ndaba. Isihloko esilandelayo siphendula imibuzo eyishumi evame ukubuzwa mayelana nombono weBhayibheli ngocansi. Kuleso sihloko uzothola izimpendulo eziyiqiniso ezisekelwe kulokho okufundiswa iBhayibheli ngempela. Isihloko sokugcina kulolu chungechunge sizobonisa ukuthi kungani ukukhetha esikwenzayo kunendaba.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela