Bámemezela IZwi LikaNkulunkulu Ngesibindi!
Isibindi siyadingeka lapho ubhekene nokuphikiswa. Le mfanelo iboniswa amaKristu eqiniso njengoba kuboniswe ezincwadini ezinjengethi ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu nethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, siphendukela kuJehova ngomthandazo simcele ukuba asinike umoya wakhe futhi asisize sikhulume izwi lakhe ngesibindi.—IzE. 4:23-31.
Ngokuphathelene nomsebenzi wethu wokushumayela phakathi nempi yezwe yokuqala, omunye umzalwane wabhala: “Izinceku zikaNkulunkulu zaziwusakaza ngentshiseko umqulu wesikhombisa we-Studies in the Scriptures, onesihloko esithi The Finished Mystery. Wawusakazwa ngezinga elingakaze lifinyelelwe. Ngo-1918 kwakhululwa i-Kingdom News No. 1. Kwalandela i-Kingdom News No. 2, eyayichaza ukuthi kungani iziphathimandla zawuvimbela umqulu othi The Finished Mystery. Lena yalandelwa i-Kingdom News No. 3. Isigaba esithembekile sabagcotshiweyo sawasakaza kabanzi la mapheshana. Kwakudinga ukholo nesibindi ukusakaza ama-Kingdom News.”
Ngokuvamile abamemezeli abasha boMbuso bayaqeqeshwa namuhla ngaphambi kokuba baye enkonzweni, kodwa kwakungenjalo ngaso sonke isikhathi. Ekhumbula okwenzeka lapho eqala ukuya enkonzweni yasensimini ngo-1922, omunye umzalwane wasePoland ohlala e-United States wabhala: “Ngema ngedwa phambi kwehhovisi likadokotela, ngangqongqoza ngingakwazi ukuhambisa izincwadi, nokusikhuluma kahle isiNgisi. Kwavula umhlengikazi. Ngeke ngikukhohlwe okwenzeka, ngoba ngangijabule kodwa ngesikhathi esifanayo ngethukile. Njengoba ngivula isikhwama, zachitheka zonke izincwadi zawela ezinyaweni zomhlengikazi. Angisakhumbuli ukuthi ngathini, kodwa ngamshiyela incwadi. Ngesikhathi ngihamba, ngase nginesibindi futhi ngizwa ukuthi uJehova unami. Ngahambisa izincwajana eziningi ngalolo suku kulowo mgwaqo wamabhizinisi.”
Udade othile wathi: “Ngawo-1933 abazalwane abaningi babesebenzisa izimoto ezinemibhobho ukuze basakaze isigijimi soMbuso.” Ngesinye isikhathi, yena nomunye umbhangqwana ongoFakazi, babeshumayela endaweni enezintaba yaseCalifornia, e-U.S.A. Uyakhumbula: “Umzalwane wakhuphukela phezulu entabeni ngemoto enombhobho, thina sasala ezansi edolobheni. Lapho eqala ukudlala isigijimi esasiqoshiwe, kwezwakala sengathi sivela ezulwini. Abantu bakulelo dolobha bazama kakhulu ukumthola lo mzalwane kodwa bahluleka. Ngemva kokuba eseqedile ukudlala isigijimi, saya emizini yabantu safakaza kubo. Ngasebenza nabezinye izimoto ezimbili ezinemibhobho futhi ngingakuqinisekisa ukuthi abantu abaningi babengafuni ukuzwa isigijimi. Kodwa njengoba indlebe icosha konke, basizwa besemizini yabo isigijimi esasizwakala ngokucacile siphuma kulezo zimoto. Ngaso sonke isikhathi sasibona ukuthi uJehova wayebangela ukuba kusetshenziswe indlela efanele ngesikhathi esifanele. Leyo ndlela yayidinga ukuba siqunge isibindi ngempela, kodwa njalo yayiyifeza injongo yayo futhi igama likaJehova lalikhazinyuliswa.”
Ngawo-1930 nangasekuqaleni kwawo-1940 sasisebenzisa amagilamafoni nezinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe enkonzweni yethu. Omunye udade uyakhumbula: “Udade osemusha wayeshumayela ngegilamafoni endlini ngendlu. Ngemva kokuba eqale ukuyidlala komunye umuzi, usokhaya wathukuthela wagana unwabu wakhahlela igilamafoni yayowela ngale kukavulandi kodwa akuphukanga nelilodwa irekhodi. Amadoda amathathu ayedla ukudla kwasemini elolini elalipakiwe akubona okwakwenzeka, acela lo dade ukuba azowadlalela igilamafoni, athatha nezincwadi. Lokho kwamthoba inxeba lokuphathwa kabi.” Kwakudinga isibindi ukukhuthazelela lolo vivinyo.
Yena lo dade uyanezela: “Ngikhumbula ngesikhathi siqala ukuhambisa umagazini emgwaqweni ngo-1940. Ngaphambili sasishumayela ngezingqwembe. Abazalwane nodade babeshaya ujenga behle ngomgwaqo begaxe izingqwembe ezibhalwe ukuthi ‘Inkolo Iwugibe Nebhizinisi’ noluthi ‘Khonza UNkulunkulu NoKristu INkosi.’ Ngesikhathi esifanayo, abantu babenikwa amapheshana mahhala. Kwakudinga isibindi ukuhlanganyela kulezi zici zenkonzo, kodwa zayifeza injongo yokwenza abantu bazi igama likaJehova nabantu bakhe.”
Omunye udade wathi: “Kwakunzima kakhulu ukuhambisa umagazini emadolobheni amancane. Lokhu kwakungesikhathi ukuphikiswa koFakazi kukukhulu. . . Kwakudinga isibindi ngempela ukuma ekhoneni uphethe omagazini futhi umemeze iziqubulo okwakusikiselwe ukuba sizisebenzise. Nokho, kwakuqabukela siphutha ngeMigqibelo. Ngezinye izikhathi abantu babeba nobungane. Kanti ngezinye kwakuba namaqembu ezixhwanguxhwangu futhi ngezikhathi ezithile kwakudingeka sisuke kuleyo ndawo ukuze sigweme ukuhlukunyezwa yiwo.”
Naphezu koshushiso ababhekana nalo phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova baqhubeka nenkonzo yabo ngesibindi. Emkhankasweni wezinsuku ezingu-43 owaqala ngo-December 1, 1940, waphela ngo-January 12, 1941, abamemezeli abangaba ngu-50 000 e-United States basakaza izincwajana ezingaba izigidi eziyisishiyagalombili phakathi nenkathi ebizwa ngokuthi Inkathi Yokufakaza “Ngesibindi.”
Iningi lasebekhulile enhlanganweni kaNkulunkulu lizikhumbula kahle izinselele zesikhathi esidlule ezazidinga ukuba liqunge isibindi. Abanye bakhumbula ukuthi kwaphela iminyaka bebonisa isibindi ngesiqubulo ababesiphindaphinda esithi, Yiduduleni ngamandla impi! Ukuthi iziphi izindlela isigijimi esisinikezwe uNkulunkulu esisazoshunyayelwa ngazo ngaphambi kokuphela kwalesi simiso esibi kusazobonakala. Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu siyoqhubeka simemezela izwi lakhe ngokholo nangesibindi.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Bekulokhu kudinga isibindi ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso