Usinikeza Kanjani Iseluleko?
Ingabe bakhona abake bacela ukuba ubeluleke? Ngokwesibonelo, wake wabuzwa imibuzo enjengokuthi: ‘Kufanele ngenzenjani? Kufanele yini ngiye kulo mbuthano? ngiphishekele lo msebenzi? ngisondelane nalo muntu ngenjongo yomshado?’
Abantu abaqotho bangase bacele ukuba ubasize ekwenzeni izinqumo empeleni ezingase zithinte ubuhlobo babo nabangane, umkhaya noma ngisho noJehova. Uyoyisekela kuphi impendulo yakho? Ujwayele ukubeluleka kanjani abanye? Kungakhathaliseki ukuthi leyo ndaba ibonakala incane noma inkulu, izAga 15:28 zithi: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.” Ake ucabangele indlela izimiso zeBhayibheli ezinhlanu ezilandelayo ezingakusiza ngayo ekunikezeni iseluleko.
1 Qonda Isimo Sangempela.
“Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.”—IZAGA 18:13.
Ukuze sinikeze iseluleko esihle, kumelwe siqonde izimo nombono walowo ofuna usizo. Ake sifanekise: Uma othile ekushayela ucingo ebuza indlela engcono yokuza ekhaya lakho, yini okungadingeka uyazi ukuze umsize? Ungamlayela yini indlela engcono okumelwe ayithathe ungakatholi kuqala ukuthi ukuphi? Ngeke! Ngokufanayo, ukuze unikeze isiqondiso esifanele kudingeka uthole ukuthi lowo ofuna iseluleko “ukuphi”—izimo nombono wakhe. Kungenzeka yini ukuthi kunezinto ongazazi ngesimo sakhe ezingase zithonye impendulo yethu? Ngaphandle kokusiqonda kahle isimo, singase sinikeze iseluleko esingenza umuntu adideke nakakhulu.—Luka 6:39.
Thola Ukuthi Lungakanani Ucwaningo Aselwenzile. Kungase kube ukuhlakanipha nokubuza umuntu ofuna iseluleko imibuzo enjengokuthi: “Ucabanga ukuthi iziphi izimiso zeBhayibheli ezisebenza kule ndaba?” “Lokho okucabangelayo kungaba namiphi imiphumela emihle nemibi?” “Yiluphi ucwaningo osulwenzile?” “Yiluphi usizo abanye, njengabadala bebandla, abazali bakho, noma umuntu owakufundela asebekunike lona?”
Izimpendulo zingasisiza sibone ukuthi ungakanani umzamo lo muntu asewenzile kakade ukuze athole impendulo. Lapho sinikeza iseluleko siyocabangela nalokho abanye asebekushilo. Singakwazi nokubona uma kuwukuthi lo muntu umane nje ufuna umeluleki ‘ozomkitaza izindlebe’ ngokumtshela lokho afuna ukukuzwa.—2 Thim. 4:3.
2 Gwema Ukusheshe Uphendule.
“Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma.”—JAK. 1:19.
Singase sisheshe ukuphendula sinezinhloso ezinhle. Kodwa lokho bekuyoba ukuhlakanipha yini, ikakhulu uma sixoxa ngendaba esingayicwaningisisanga? IzAga 29:20 zithi: “Ingabe umbonile umuntu onamawala ngamazwi akhe? Kukhona ithemba elengeziwe ngomuntu oyisiphukuphuku kunangaye.”
Zinike isikhathi ukuze uqiniseke ukuthi indlela ozoyisingatha ngayo indaba ivumelana ngokugcwele nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Zibuze, ‘Ingabe ukucabanga “nomoya wezwe” sekuthonye indlela engicabanga ngayo?’ (1 Kor. 2:12, 13) Khumbula ukuthi izinhloso ezinhle zizodwa zingase zinganeli. Ngemva kokuzwa ngesabelo sikaJesu esinzima, umphostoli uPetru wameluleka: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze ube nalesi siphetho.” Singafundani endleleni uPetru asabela ngayo? Singafunda ukuthi ngisho nomuntu oqotho, uma engaqaphile angase angakhuthazi “imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.” (Math. 16:21-23) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sicabange ngaphambi kokuba sikhulume! Kakade, ulwazi lwethu lulinganiselwe kakhulu uma luqhathaniswa nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.—Jobe 38:1-4; IzAga 11:2.
3 Sebenzisa IZwi LikaNkulunkulu Ngokuthobeka.
“Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.”—JOH. 8:28.
Ingabe uyothi, “Ukube benginguwe, bengiyo- . . . ”? Ngisho nalapho impendulo yombuzo ibonakala isobala, uyokwenza kahle ngokufunda esibonelweni esabekwa uJesu sokuthobeka nesizotha. Wayenolwazi futhi ehlakaniphe kakhulu kunanoma yimuphi omunye umuntu; noma kunjalo, wathi: “Angikhulumanga okusuka kimi siqu, kodwa uBaba ngokwakhe . . . unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumelwe ngiyisho nokuthi yini okumelwe ngiyikhulume.” (Joh. 12:49, 50) Izimfundiso nezeluleko zakhe zazihlale zisekelwe entandweni kaYise.
Ngokwesibonelo, kuLuka 22:49 sifunda ukuthi abafundi bakaJesu bacela isiqondiso mayelana nokuthi kwakufanele yini balwe lapho esezoboshwa. Omunye umfundi wasebenzisa inkemba. Phawula ukuthi ukulandisa okufanayo okukuMathewu 26:52-54 kubonisa ukuthi ngisho nangaphansi kwalezo zimo, uJesu wazinika isikhathi ukuze abonisane nalowo mfundi ngalokho okuyintando kaJehova. Azi isimiso esitholakala kuGenesise 9:6 neziprofetho ezikumaHubo 22 naku-Isaya 53, uJesu wakwazi ukunikeza isiqondiso esihlakaniphile, ngokungangabazeki esasindisa ukuphila kwabaningi futhi sajabulisa noJehova.
4 Sebenzisa Umtapo Wakho Ongokwasezulwini.
“Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele?”—MATH. 24:45.
UJesu uye wamisa isigaba senceku esithembekile esilungiselela ukudla okungokomoya okubalulekile. Lapho unikeza iseluleko nesiqondiso ngokuphathelene nezindaba ezibalulekile, uyazinika yini isikhathi sokucwaningisisa ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini?
I-Watch Tower Publications Index ne-Watchtower Librarya zenza sikwazi ukuthola kalula ukwaziswa okuningi nokucacile. Yeka ukuthi bekuyoba iphutha kangakanani ukungayinaki le ngcebo yokwaziswa! Zinezinkulungwane zezihloko nezindaba ezingasiza ofuna iseluleko. Linjani ikhono lakho ekusizeni abanye bazicwaningele izimiso zeBhayibheli futhi bazindle ngeZwi likaNkulunkulu? Njengoba nje iGPS ingasiza umuntu azibone ukuthi ukuphi futhi imbonise indlela, kanjalo namathuluzi okucwaninga angamsiza ukuba abone ukuthi ukuphi futhi azi ukuthi angahlala kanjani esendleleni eya ekuphileni.
Abadala abaningi baye baqeqesha abamemezeli ukuba bazicwaningele izihloko ezithile besebenzisa i-Index noma i-Watchtower Library, ngaleyo ndlela besiza abafowabo nodadewabo ukuba basekele izinqumo zabo emiBhalweni. Usizo olunjalo alugcini ngokusiza abamemezeli ukuba basingathe izindaba abasuke bebhekene nazo kodwa lubenza bakwenze umkhuba ukucwaninga nokuthembela emalungiselelweni kaJehova angokomoya. Ngale ndlela, ‘amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’—Heb. 5:14.
5 Gwema Ukuzama Ukwenzela Abanye Izinqumo.
“Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.”—GAL. 6:5.
Ekugcineni, umuntu ngamunye kudingeka azikhethele ukuthi isiphi iseluleko azosilandela. UJehova usinika inkululeko yokuzikhethela ukuthi siyobuswa izimiso zakhe yini noma cha. (Dut. 30:19, 20) Ezinye izimo zihilela izimiso zeBhayibheli eziningana, kodwa ekugcineni umuntu ofuna iseluleko nguye okufanele azinqumele. Kuye ngendaba noma ngeminyaka yalowo ofuna iseluleko sethu, kungase kudingeke nokuba sizibuze, ‘Ingabe nginalo igunya lokuphendula lo mbuzo?’ Ezinye izindaba kungcono kakhulu zishiyelwe kubadala bebandla noma kubazali uma obuzayo kungumuntu osemncane.
[Umbhalo waphansi]
a I-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM okwamanje itholakala ngezilimi ezingu-39. I-Watch Tower Publications Index yona itholakala ngezilimi ezingaphezu kwezingu-45.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]
Eningakwenza EkuKhulekeleni Komkhaya
Lapho utadisha, ungacwaninga izimpendulo zemibuzo oyibuzwe muva nje. Iziphi izihloko nezimiso eziseBhayibhelini ongazithola ezingasiza othile obuza imibuzo enjalo? Ngokwesibonelo, ake sithi umzalwane noma udade ukubuza ngokuthandana, noma ngokuphola nothile enomgomo wokushada. Lapho usebenzisa i-Index noma i-Watchtower Library, qala ngokubheka izihloko ezihlobene kakhulu nalolo daba. Ngokwesibonelo, ungase ubheke isihloko esithi “Dating [Ukuthandana, noma esithi Ukuphola]” nesithi “Marriage [Umshado]” kuyi-Index. Yibe usubheka izihlokwana ezifanelekayo kulezo zihloko. Lapho ubheka isihloko esikhulu, phawula ukuthi zikhona yini ezinye kwesithi “See also [Bheka nesithi],” ezingase zibhekisele esihlokweni esihlobene ngokuqondile nalokho okucwaningayo.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Ngenxa yamalungiselelo uJehova awenzile ngenhlangano yakhe, singanikeza futhi sithole iseluleko esingcono kakhulu. UmShumayeli 12:11 uthi: “Amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi, futhi njengezipikili ezishayelelwe, banjalo abazitika ngamaqoqo emisho; anikezwe evela kumalusi munye.” “Njengezinkandi”—izinduku ezicijile ezisetshenziselwa ukuqondisa izilwane eziboshelwayo—iseluleko sothando esinengqondo siqondisa abaqotho endleleni efanele. ‘Izipikili ezishayelelwe’ ziqinisa izakhiwo. Ngokufanayo, ukunikeza izeluleko ezinhle kungasiqinisa. Abahlakaniphileyo “bazitika,” noma bathola injabulo enkulu, ekucabangeleni “amaqoqo emisho” abonisa ukuhlakanipha ‘kukamalusi munye’ wabo, uJehova.
Lingisa uMalusi lapho unikeza iseluleko. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukulalela nokunikeza iseluleko esiwusizo noma nini lapho kungenzeka! Uma ngempela sisekelwe ezimisweni zeBhayibheli, iseluleko sethu siyoba esinengqondo futhi singamzuzisa phakade olalele.