Ukufuna Izimpendulo
“Cishe wonke umuntu unokuthile akucabangayo mayelana nokuthi ungubani [uJesu]. Kungakhathaliseki ukuthi sinokholo noma siyangabaza, sonke siyazibuza, ‘Ingubani le ndoda?’”—UMBHALI USTAN GUTHRIE.
ABANTU bafuna ukwazi ngoJesu. Izincwadi ezikhuluma ngaye zithengwa ubuthaphuthaphu. Amabhayisikobho aphathelene naye adl’ ubhedu. Yize kunjalo, abantu basaqhubeka benemibuzo ngaye. Abantu banemibono engafani mayelana nokuthi wayengubani ngempela uJesu.
Eminyakeni embalwa edlule, izintatheli ezimbili zacela abantu ukuba baphendule umbuzo kuyi-Internet othi: “Wayengubani uJesu?” Nazi ezinye zezimpendulo ezanikezwa abantu:
● “Kubonakala sengathi wayengurabi (umfundisi) owenza ukuphila kwakhe kwaba isibonelo sobubele.”
● “Wayengumuntu nje njengathi sonke kodwa ephila ukuphila okuhlukile kokwabantu.”
● “Abukho ubufakazi bokuthi uJesu wake waba khona.”
● “UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu eyazalwa, yafa futhi yavuka kwabafileyo ukuze isisindise ezonweni zethu. Namuhla uyaphila futhi uzobuya emhlabeni.”
● “Ngikholelwa ukuthi uJesu Kristu uwukuphela kwendodana kaNkulunkulu, uyikho kokubili umuntu wenyama nowomoya ngesikhathi esisodwa.”
● “Indaba kaJesu iyinganekwane nje.”
Ngokusobala, akunakwenzeka ukuba yonke le mibono ehluke kangaka ibe iqiniso. Ingabe ukhona umthombo othembekile esingathola kuwo izimpendulo zemibuzo yethu ngoJesu? Abanyathelisi balo magazini bakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi yilona kuphela elisitshela lonke iqiniso ngoJesu.a—2 Thimothewu 3:16.
Esihlokweni esilandelayo, sizohlola izimpendulo zeBhayibheli zemibuzo evamile ngoJesu. Yena ngokwakhe wathi indlela yensindiso ivulekele “wonke umuntu obonisa ukholo [kuye].” (Johane 3:16) Sicela uhlole izimpendulo bese uzinqumela ukuthi uyakudinga yini ukufunda okwengeziwe ngoJesu nokuthi ungalubonisa kanjani ukholo kuye.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 2, esithi “IBhayibheli—Incwadi Evela KuNkulunkulu,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.