Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 11/1 kk. 8-9
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Okuphakathi
    IPhaphama!—2020
  • Okushiwo YiBhayibheli Ngokuhlupheka
    I-Phaphama!—2015
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 11/1 kk. 8-9

Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?

UBABA ka-Ian wayeyisidakwa. Nakuba u-Ian akhula engaswele lutho, kodwa wayengakutholi ukusekelwa ngokomzwelo ayekudinga kuyise. Uthi: “Ngangingasondelene naye ngoba wayehlale edakiwe futhi emphatha kabi umama.” Njengoba ekhula waqala ukuzibuza ukuthi ukhona yini uNkulunkulu. Wacabanga, “Uma ekhona, kungani evumela abantu ukuba bahlupheke?”

Kungani kubuzwa lo mbuzo?

Ngisho noma ukuphila kwakho kungenazo izinkinga ezinkulu, kungakuphatha kabi ukubona abantu abangenacala behlupheka. Noma kunjalo, umbuzo ngokuhlupheka ufaneleka ngokukhethekile uma njengo-Ian wake wabhekana nobunzima noma wake wagulelwa noma wafelwa umuntu omthandayo.

Abanye baphendula bathini?

Abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uvumela ukuhlupheka ukuze asifundise ukuthobeka nokuba nozwela. Abanye banomuzwa wokuthi abantu bahlupheka ngenxa yezono abazenza ngaphambili.

Zisho ukuthini lezo zimpendulo?

UNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwabantu, okwenza kube nzima ukumthanda. UNkulunkulu unonya.

Lifundisani iBhayibheli?

IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi akufanele sisole uNkulunkulu ngokuhlupheka kwabantu. “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Empeleni, umbono wokuthi uNkulunkulu uyena obangela ukuhlupheka awuvumelani nendlela iBhayibheli elichaza ngayo ubuntu bakhe. Kanjani?

Enye yezimfanelo zikaNkulunkulu ezivelele uthando. (1 Johane 4:8) Ukuze ligcizelele leli phuzu, iBhayibheli liveza uNkulunkulu enemizwa efana nowesifazane oncelisayo. UNkulunkulu uyabuza, “Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe? Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa, nokho mina ngeke ngikukhohlwe.” (Isaya 49:15) Kungenzeka yini umama onothando alimaze umntanakhe ngamabomu? Empeleni, umzali onothando uyozama ukunciphisa ubuhlungu bomntanakhe. Ngokufanayo, uNkulunkulu akababangeli abantu abangenacala ukuhlupheka.—Genesise 18:25.

Ngisho noma uNkulunkulu esikhathalela, abantu abangenacala bayahlupheka. Ungase uzibuze, ‘Uma uNkulunkulu esikhathalela futhi enawo wonke amandla, kungani engaziqedi izimbangela zokuhlupheka?’

UNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela ukuhlupheka kuqhubeke kukhona. Cabanga ngalesi esisodwa: Ngokuvamile, abantu ababangela ukuhlupheka kwabanye. Izichwensi nezidlova eziningi ezibangela ubuhlungu kwabanye azizimisele ukushintsha izindlela zazo. Ngakho ukuze uNkulunkulu asuse imbangela enkulu yokuhlupheka, kuyodingeka abhubhise abantu abanjalo.

Echaza ukuthi kungani uNkulunkulu engakababhubhisi labo bantu ababi, umphostoli uPetru wabhala: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Ukubekezela kukaJehova uNkulunkulu kubonisa ubuntu bakhe bothando nesihe.

Nokho, maduzane uJehova uNkulunkulu uzothatha isinyathelo. ‘Uyobuyisela usizi kulabo ababangela abangenacala usizi.’ Labo ababangela abanye ukuhlupheka “bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:6-9.

U-Ian, ocashunwe ekuqaleni, wathola izimpendulo ezigculisayo emibuzweni yakhe ngokuhlupheka. Akufunda kwayishintsha indlela abheka ngayo ukuphila. Funda indaba yakhe esihlokweni esilandelayo esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila”.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nokuthi uzokwenzani ngakho, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ungazitholela yona engosini ethiwww.pr2711.com

Wathini UJesu Ngokuhlupheka?

UJesu akazange asole uNkulunkulu ngokuhlupheka ayekubona. Kunalokho, wenza okulandelayo.

UJesu wabonisa ukuthi uNkulunkulu akabajezisi abantu abangenacala ngokubabangela ukuhlupheka. UJesu waphulukisa abagulayo, abakhubazekile nezimpumputhe. (Mathewu 15:30) Izimangaliso azenza zisifundisa amaqiniso amabili abalulekile: Elokuqala, uJesu wasebenzisa amandla kaNkulunkulu ukuze aqede ukuhlupheka, hhayi ukukubangela. Elesibili, uJesu waphulukisa abantu ngozwela. Lapho ebona abantu behlupheka, ‘wabahawukela.’ (Mathewu 20:29-34) Wayibonisa ngokuphelele indlela uYise azizwa ngayo ngokuhlupheka. Ngakho-ke, ngamazwi nangezenzo zikaJesu sifunda ukuthi uNkulunkulu uyadabuka ngobuhlungu abubonayo futhi ufuna ukubuqeda.—Johane 14:7, 9.

UJesu wathi uSathane uDeveli uyimbangela yangempela yokuhlupheka kwabantu. Wathi, “Yena [uSathane] wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni.” (Johane 8:44) UJesu waphinde wathi uSathane uDeveli ‘ungumbusi waleli zwe’ futhi ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’—Johane 12:31; IsAmbulo 12:9.

UJesu wasinikeza ithemba lokuthi ukuhlupheka kuyophela. Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Baba wethu osemazulwini, . . . Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Lapho uMbuso kaNkulunkulu usufikile, ngeke kusaba khona ukuhlupheka emhlabeni, njengoba nje kungekho nasezulwini.

Esambulweni asinika umphostoli uJohane, uJesu wachaza ukuthi ukuphila kuyoba njani kulabo abayophila lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 1:1; 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela