Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 2/1 k. 5
  • UMose—Indoda Ethobekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMose—Indoda Ethobekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uyazithanda Izinceku Zakhe Ezithobekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • UMose—Indlela Ukuphila Kwakhe Okukuthinta Ngayo
    I-Phaphama!—2004
  • Kungani Kumelwe Wembathe Ukuthobeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • UMose—Indoda Enothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 2/1 k. 5

UMose—Indoda Ethobekile

KUYINI UKUTHOBEKA?

Ukuthobeka kusho ukungaziqhenyi nokungazazisi. Umuntu othobekile akababukeli phansi abanye. Noma imuphi umuntu ongaphelele kodwa othobekile kufanele abe nesizotha, okungukuthi, azi ukuthi amandla akhe agcinaphi.

UMOSE WAKUBONISA KANJANI UKUTHOBEKA?

UMose akazange azithwale ngenxa yesikhundla. Ngokuvamile, lapho umuntu enikezwa isikhundla esincane, kusheshe kubonakale ukuthi uthobekile yini noma cha. Umlobi wangekhulu le-19 uRobert G. Ingersoll wakubeka kanje: “Abantu abaningi bangabubekezelela ubunzima. Kodwa uma ufisa ukwazi ukuthi umuntu unjani ngempela, mnike isikhundla.” Ngalowo mqondo, uMose uyisibonelo esivelele sokuthobeka. Kanjani?

UJehova wanikeza uMose isikhundla esiphakeme kakhulu sokuhola ama-Israyeli. Nokho, leso sikhundla asizange simenze ukuba aqhoshe. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela alusingatha ngesizotha ngayo udaba olunzima oluphathelene namalungelo okuthola ifa. (Numeri 27:1-11) Lolu daba lwalunzima kakhulu, ngoba isinqumo esasizothathwa sasiyosetshenziswa izizukulwane ezazizolandela.

UMose wayeyosabela kanjani? Ingabe wayeyocabanga ukuthi njengoba engumholi ka-Israyeli, wayefaneleka ukwenza leso sinqumo? Ingabe wayeyoncika ekhonweni lakhe elingokwemvelo, ubudala, noma ulwazi lwakhe olunzulu ngokucabanga kukaJehova?

Mhlawumbe umuntu oqhoshayo wayeyokwenza kanjalo. Kodwa hhayi uMose. Ukulandisa kweBhayibheli kuyasitshela: ‘UMose wethula lolo daba phambi kukaJehova.’ (Numeri 27:5) Cabanga nje ngalokhu! Ngisho noma ayeseneminyaka engaba ngu-40 ehola isizwe sakwa-Israyeli, akazange azethembe yena, kodwa wathembela kuJehova. Kule ndaba sikubona ngokucacile ukuthobeka kukaMose.

UMose akazange acabange ukuthi nguye yedwa okwakufanele abe sesikhundleni. Wajabula lapho uJehova evumela amanye ama-Israyeli ukuba abe abaprofethi kanye naye. (Numeri 11:24-29) Lapho umkhwe wakhe esikisela ukuba anikeze abanye umsebenzi, uMose wakusebenzisa ngokuthobeka lokho kusikisela. (Eksodusi 18:13-24) Lapho esezokufa, nakuba ayesenamandla, uMose wacela ukuba uJehova amise umuntu owayezothatha isikhundla sakhe. Lapho uJehova ekhetha uJoshuwa, uMose wayisekela ngenhliziyo yakhe yonke le nsizwa, ekhuthaza abantu ukuba bazithobe lapho uJoshuwa ebaholela eZweni Lesithembiso. (Numeri 27:15-18; Duteronomi 31:3-6; 34:7) Empeleni, uMose wakubheka njengelungelo ukuhola ama-Israyeli ekukhulekeleni. Kodwa akazange abheke isikhundla sakhe njengesibaluleke ngaphezu kwenhlala-kahle yabanye.

IZIPHI IZIFUNDO ESIZITHOLAYO?

Asifuni ukwenyusa amahlombe ngenxa yesikhundla noma amakhono emvelo esinawo. Khumbula: Ukuze uJehova asisebenzise, ukuthobeka kufanele kuhambe phambili ngaso sonke isikhathi bese kulandela amakhono ethu. (1 Samuweli 15:17) Uma sithobeke ngempela, siyolwela ukusebenzisa lesi seluleko seBhayibheli esihlakaniphile: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.”—IzAga 3:5, 6.

Isibonelo sikaMose sisifundisa nokuba singabheki isimo noma isikhundla sethu njengesibaluleke kakhulu.

Ingabe siyazuza ngokulingisa isibonelo sikaMose sokuthobeka? Ngokuqinisekile! Lapho sihlakulela ukuthobeka kwangempela, sikwenza kube lula ukuphila kwabantu abaseduze nathi, okwenza basithande. Okubaluleke nakakhulu, senza ukuba uJehova uNkulunkulu, naye oyibonisayo le mfanelo enhle, asithande. (IHubo 18:35) “UNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Petru 5:5) Yeka isizathu esishukumisayo sokulingisa ukuthobeka kukaMose!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela