Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 2/15 k. 30
  • WayengowakwaKayafase

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • WayengowakwaKayafase
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ngubufakazi Bemivubukulo Bokuthi UJesu Wayekhona Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Umpristi Ophakeme Owalahla UJesu Ngecala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • UJesu Uyiswa Ku-Anase Bese Eyiswa KuKayafase
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Lapho Kuvuswa ULazaru
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 2/15 k. 30

WayengowakwaKayafase

Igumbi elivamile okwakugcinwa kulo amathambo abantu

Ngezinye izikhathi ukutholakala komvubukulo kuqinisekisa ngokuqondile noma ngandlela-thile ukuthi umuntu othile okukhulunywa ngaye eBhayibhelini waphila ngempela. Ngokwesibonelo, ngo-2011, izazi zakwa-Israel zanyathelisa imininingwane ephathelene nomvubukulo onjalo. Yibhokisi lamathambo elineminyaka engu-2 000—elenziwe ngetshe lomcako okwakufakwa kulo amathambo omuntu oshonile ngemva kokuba inyama isibolile.

Leli bhokisi linombhalo oqoshiwe othi: “UMiriyamu indodakazi kaYeshua indodana kaKayafase, umpristi [wesigaba] sikaMahaziya owayevela eBeth ʹImri.” Umpristi ophakeme ongumJuda owaba nengxenye ekuqulweni kwecala likaJesu nasekubulaweni kwakhe kwakunguKayafase. (Joh. 11:48-50) Isazimlando uFlavius Josephus sibhekisela kuye ngokuthi “uJosefa, owayebizwa ngokuthi uKayafase.” Kusobala ukuthi leli bhokisi lalingelomunye wezihlobo zakhe. Njengoba umbhalo oqoshiwe osebhokisini lamathambo elatholwa ngaphambili okucatshangwa ukuthi elompristi ophakeme ngokwakhe umbiza ngokuthi “Yehosef bar Caiapha, noma uJosefa, indodana kaKayafase,a kumelwe ukuba uMiriyamu wayehlobene noKayafase ngandlela-thile.

Ngokwemininingwane enikezwa yi-Israel Antiquities Authority (IAA), ibhokisi likaMiriyamu lathathwa ezigebengwini ezaziphange ithuna lasendulo. Ukuhlolwa kwaleli bhokisi kanye nombhalo oqoshwe kulo kuyagculisa.

Leli bhokisi lisitshela nokunye okusha. Libhekisela esigabeni “sikaMahaziya,” esasingesokugcina kwezingu-24 zabapristi ababekhonza ngokushintshana ethempelini laseJerusalema. (1 IziKr. 24:18) Ngokwe-IAA, umbhalo oqoshiwe okuleli bhokisi wembula ukuthi “umndeni kaKayafase wawuhlobene nesigaba sikaMahaziya.”

Kulo mbhalo oqoshiwe kuvela negama elithi Beth ʹImri. Kunezincazelo ezimbili ezicatshangelwayo zale ngxenye yombhalo oqoshiwe. I-IAA ithi: “Incazelo yokuqala iwukuthi iBeth ʹImri igama lomndeni wabapristi—amadodana ka-Imeri (Ezra 2:36-37; Nehemiya 7:39-42) inzalo yawo ehlanganisa amalungu esigaba sikaMahaziya. Incazelo yesibili [iwukuthi iBeth ʹImri] iyindawo umufi azalelwa kuyo noma umndeni wakhe.” Kunoma yikuphi, ibhokisi likaMiriyamu linikeza ubufakazi bokuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abaphila ngempela ababezalwa emindenini engokoqobo.

a Ngokuphathelene nebhokisi likaKayafase, bheka isihloko esithi “Umpristi Ophakeme Owalahla UJesu Ngecala,” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2006, amakhasi 10-13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela