Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 3/1 kk. 14-15
  • UPetru No-Ananiya Baqamba Amanga—Singafundani Kulokho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UPetru No-Ananiya Baqamba Amanga—Singafundani Kulokho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Izinto Ezingasisiza Sinqobe Ukwesaba
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Wafunda Ukuthethelela ENkosini
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Isifundo Sokuthethelela ENkosini Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 3/1 kk. 14-15

FUNDISA IZINGANE ZAKHO

UPetru No-Ananiya Baqamba Amanga—Singafundani Kulokho?

Njengoba wazi, ukuqamba amanga kuwukukhuluma into owaziyo ukuthi ayilona iqiniso. Wake wawaqamba yini wena amanga?—a Ngisho nabantu abadala abathanda uNkulunkulu bake bawaqamba amanga. Mhlawumbe ukhona umuntu omaziyo eBhayibhelini owake waqamba amanga. Igama lakhe uPetru, omunye wabaphostoli bakaJesu abangu-12. Ake silalele indaba ebonisa ukuthi kungani aqamba amanga.

Ngemva kokuboshwa, uJesu uyiswa emzini wompristi ophakeme. Sekusentathakusa. UPetru ungena egcekeni lomuzi wompristi ophakeme bengamboni. Intombazane eyinceku yompristi ophakeme emngenisile iyambona njengoba ekhanyiswa umlilo. Ithi: “Nawe, futhi, ubunoJesu.” Enovalo, uPetru uyaphika.

IBhayibheli lithi kamuva “enye intombazane yambona.” Yabe isithi: “Lo muntu ubenoJesu.” UPetru uphinde aphike. Ngemva kwesikhashana, abanye baya kuPetru bese bethi: “Ngokuqinisekile nawe futhi ungomunye wabo.”

UPetru uyesaba. Ngakho useqamba amanga okwesithathu, uthi: “Angimazi lo muntu!” Iqhude libe selikhala. UJesu ubheka uPetru, futhi uPetru uyakhumbula ukuthi emahoreni ambalwa adlule, uJesu uthe kuye: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzongiphika kathathu.” Ngemva kwalokho uPetru uyakhala. Uyazisola kakhulu!

Ingenzeka yini kuwe into efana nalena?— Kungenzeka usesikoleni, futhi uzwa ofunda nabo bekhuluma ngoFakazi BakaJehova. Omunye uthi: “Abalishayeli ifulege indesheni.” Omunye uthi: “Abalilweli izwe lakubo.” Omunye futhi uthi: “Abawona ngempela amaKristu, ngoba abawugubhi uKhisimusi.” Omunye ube esebuza wena, “Angithi nawe unguFakazi KaJehova?” Ungathini?—

Kudingeka wazi ukuthi uzothini ngaphambi kokuba kwenzeke into enjalo. UPetru wayengazi. Lapho ecindezelwa, waqamba amanga! Kodwa wazisola kakhulu ngalokho akwenza, futhi uNkulunkulu wamthethelela.

U-Ananiya, omunye umfundi kaJesu wangekhulu lokuqala, naye waqamba amanga. Kodwa uNkulunkulu akazange abathethelele benomkakhe, uSafira. Wavumelana nomyeni wakhe baqamba amanga. Ake sibone ukuthi kungani uNkulunkulu engazange abathethelele.

Ngemva kwezinsuku eziyishumi uJesu eshiye abaphostoli bakhe wanyukela ezulwini kuNkulunkulu, abantu abangaba ngu-3 000 bayabhapathizwa eJerusalema. Abaningi bavela emazweni akude bazogubha uMkhosi wePhentekoste, futhi ngemva kokuba abafundi bakaJesu bafuna ukuhlala isikhathi esijana ukuze bafunde okwengeziwe ngenkolo yabo entsha. Ngakho abanye abafundi bakaJesu basebenzisa imali yabo ukuze babanakekele.

U-Ananiya nomkakhe badayisa indawo yabo ethile ukuze bathole imali yokusiza abantu abasanda kubhapathizwa. Lapho u-Ananiya eletha leyo mali kubaphostoli, uthi yiyo yonke okuthengwe ngayo. Kodwa akunjalo! Uyithathile enye! UNkulunkulu wambulela uPetru lokhu, futhi uPetru uthi ku-Ananiya: “Awukhohlisanga abantu, ukhohlisé uNkulunkulu.” Ngaso leso sikhathi, u-Ananiya uyawa afe! Ngemva cishe kwamahora amathathu, kufika umkakhe. Engazi ukuthi kwenzekeni kumyeni wakhe, naye ufike aqambe amanga futhi afe.

Nasi isifundo esisitholayo: Ukukhuluma iqiniso kubalulekile! Yebo, sonke kudingeka sisifunde! Noma kunjalo, sonke siyawenza amaphutha, ikakhulu lapho sisebancane. Awujabuli yini ngokuthi uJehova uyakuthanda nangokuthi uyokuthethelela njengoba nje enza kuPetru?— Kodwa khumbula, kudingeka sikhulume iqiniso. Futhi uma senze iphutha elikhulu lokuqamba amanga, kudingeka sicele uNkulunkulu, simncenge ukuba asithethelele. Yilokho okumelwe ukuba uPetru wakwenza futhi wathethelelwa. Uma sizama ukungaphinde siwaqambe amanga, uNkulunkulu uyosithethelela nathi!

Funda eBhayibhelini lakho

  • Mathewu 26:69-75

  • IzEnzo 2:38-42; 4:32-37; 5:1-11

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela