Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 8/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayilalela Imithandazo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Imithandazo Ephendulwayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 8/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ingabe uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo?

UNkulunkulu ulalela abantu abavela kuzo zonke izizwe. (IHubo 145:18, 19) IZwi lakhe, iBhayibheli, lisikhuthaza ukuba sikhulume naye nganoma yini esikhathazayo. (Filipi 4:6, 7) Nokho, eminye imithandazo ayimjabulisi uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ukuphindaphinda imithandazo eshiwo ngekhanda akumjabulisi.—Funda uMathewu 6:7.

UJehova akayithandi nemithandazo yabantu abangawunaki ngamabomu umthetho wakhe. (IzAga 28:9) Ngokwesibonelo, ngezikhathi zeBhayibheli, uNkulunkulu wenqaba ukulalela ama-Israyeli ayenecala lokubulala. Kuyacaca ukuthi kufanele sifinyelele izimfuneko ezithile ukuze sizwiwe uNkulunkulu.—Funda u-Isaya 1:15.

Yini okufanele siyenze ukuze uNkulunkulu asizwe?

Kufanele sibe nokholo uma sithandaza kuye. (Jakobe 1:5, 6) Kufanele siqiniseke ukuthi ukhona nokuthi uyasikhathalela. Singaluqinisa ukholo lwethu ngokutadisha iBhayibheli ngoba ukholo lweqiniso lusekelwe ebufakazini nasesiqinisekisweni esitholakala eZwini likaNkulunkulu.—Funda amaHebheru 11:1, 6.

Kufanele sithandaze ngobuqotho nangokuzithoba. Ngisho neNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yazithoba lapho ithandaza. (Luka 22:41, 42) Khona-ke, kunokutshela uNkulunkulu ukuthi enzeni, kufanele sizame ukuqonda izimfuneko zakhe ngokufunda iBhayibheli. Ngemva kwalokho singathandaza ngokuvumelana nentando yakhe.—Funda eyoku-1 Johane 5:14.

Ukuze uthole okwengeziwe bheka isahluko 17 sencwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Ungayikopisha engosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela