Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 10/1 k. 5
  • UNkulunkulu Ulungiselela Ukukhulula Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Ulungiselela Ukukhulula Abantu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMesiya—Indlela KaNkulunkulu Yokusisindisa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • “Simtholile UMesiya”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Balinda Ukufika KukaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • UMesiya Uyafika
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 10/1 k. 5

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LIKHULUMA NGANI IBHAYIBHELI?

UNkulunkulu Ulungiselela Ukukhulula Abantu

UNkulunkulu wathembisa u-Abrahama othembekile ukuthi ‘inzalo’ eyayibikezelwe yayiyoba omunye wabazukulu bakhe. Ngaleyo nzalo, abantu bazo “zonke izizwe” babeyothola izibusiso. (Genesise 22:18) Kamuva uJakobe, umzukulu ka-Abrahama, wathuthela eGibhithe lapho umndeni wakhe wanda khona waba isizwe sakwa-Israyeli sasendulo.

Ngokuhamba kwesikhathi uFaro ongundlov’ kayiphikiswa wagqilaza ama-Israyeli kwaze kwaba yilapho uNkulunkulu ekhetha umprofethi uMose, owahola isizwe esikhipha kulelo zwe ngokusidabulisa oLwandle Olubomvu olwahlukaniswa ngokuyisimangaliso. Ngemva kwalokho, uNkulunkulu wanika u-Israyeli imithetho, kuhlanganise neMiyalo Eyishumi, eyayizomqondisa futhi imvikele. Leyo mithetho yayiyisho ngokuqondile iminikelo eyayidingeka ukuze umuntu athethelelwe izono. Ephefumulelwe uNkulunkulu, uMose watshela u-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wayeyomthumelela omunye umprofethi. Lowo mprofethi wayeyoba ‘inzalo’ ethenjisiwe.

Cishe ngemva kwamakhulu amane eminyaka kamuva, uNkulunkulu wathembisa iNkosi uDavide ukuthi lowo ozayo, ‘inzalo’ eyabikezelwa e-Edene, wayeyobusa umbuso oyohlala phakade. Leyo nzalo yayiyoba uMesiya, uMkhululi omiswe uNkulunkulu ukuba asindise abantu futhi abuyisele iPharadesi emhlabeni.

Esebenzisa uDavide nabanye abaprofethi, uNkulunkulu wembula kancane kancane okwengeziwe ngoMesiya. Babikezela ukuthi wayeyoba umuntu othobekile nonomusa futhi ngaphansi kokubusa kwakhe, indlala, ukungalungi nezimpi kwakuyophela. Bonke abantu bayohlala ngokuthula, babe nokuthula nanezilwane. Ukugula, ukuhlupheka nokufa—okwakungeyona injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni—kuyoshabalala, abantu abafileyo babuye baphile emhlabeni.

UNkulunkulu wabikezela ngomprofethi uMika ukuthi uMesiya wayeyozalelwa eBhetlehema futhi ngomprofethi uDaniyeli wabikezela ukuthi wayeyobulawa. Kodwa uNkulunkulu wayezomvusa uMesiya kwabafileyo, ambeke njengeNkosi ezulwini. UDaniyeli waphinde wabona ukuthi uMbuso kaMesiya uyogcine uthathe indawo yabo bonke abanye ohulumeni kuze kube phakade. Ingabe ngempela uMesiya wafika njengoba kwakuprofethiwe?

—Isekelwe kuGenesise, izahluko 22-50, naku-Eksodusi, uDuteronomi, eyesi-2 Samuweli, AmaHubo, u-Isaya, uDaniyeli, uMika nakuZakariya 9:9.

IGAMA LIKANKULUNKULU ELINGCWELE

Igama elithi Jehova livela okokuqala eBhayibhelini kuGenesise 2:4. Leli gama eliyingqayizivele livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emibhalweni yesandla yolimi lokuqala yemiBhalo Engcwele. Incazelo yalo—“Ubangela Ukuba Kube Khona”—isiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ukwazi kahle ukufeza zonke izinjongo nezithembiso zakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela