Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 2/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UNkulunkulu Uzomisa Uhulumeni Ozobusa Umhlaba Wonke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 2/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Kuyoke kwenzeke yini ukuba kube nohulumeni owodwa obusa wonke umhlaba?

Abantu bazo zonke izizwe bahlanganiswe uhulumeni owodwa obusa wonke umhlaba

UMbuso obusa wonke umhlaba ungabenza kanjani abantu bazo zonke izizwe babe nobunye? Isaya 32:​1, 17; 54:13

Cabanga nje ngendlela uhulumeni owodwa obusa wonke umhlaba ongasizuzisa ngayo isintu. Namuhla abantu abaningi bayahlupheka ngoba bampofu kakhulu, kuyilapho abanye becebe kakhulu. Kodwa uhulumeni onozwela obusa wonke umhlaba ungaqikelela ukuthi wonke umuntu uthola izinto azidingayo. Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke yini ukuba abantu bakhe uhulumeni onjalo?​—Funda uJeremiya 10:23.

Kuwo wonke umlando, ohulumeni baye bahluleka ngezindlela eziningi ukunakekela izakhamuzi, ikakhulukazi lezo ezihluphekayo. Abanye ohulumeni babusa ngonya. (UmShumayeli 4:1; 8:9) Kodwa uNkulunkulu uMninimandla onke uthembise ukuletha uhulumeni ozoqeda bonke abanye ohulumeni. UMbusi wawo uyobanakekela ngempela abantu.​—Funda u-Isaya 11:4; Daniyeli 2:44.

Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?

UJehova uNkulunkulu ukhethe uMbusi ofanelekayo womhlaba​—iNdodana yakhe, uJesu. (Luka 1:​31-33) Ngesikhathi esemhlabeni njengomuntu, uJesu wayekulangazelela ukusiza abantu. NjengeNkosi, uyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe munye futhi abakhulule kukho konke ukuhlupheka.​—Funda iHubo 72:​8, 12-14.

Ingabe bonke abantu bayomamukela uJesu njengoMbusi? Cha. Kodwa uJehova uyabekezela. (2 Petru 3:9) Unikeza abantu ithuba lokuba bamukele uJesu njengoMbusi. Maduzane, uJesu uzosusa abantu ababi emhlabeni alethe ukuthula nokulondeka kuwo wonke umhlaba.​—Funda uMika 4:​3, 4.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 8 sale ncwadi, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela