Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 12/1 k. 11
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IJerusalema—“Imbangela Yenjabulo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • IJerusalema—“Umuzi WeNkosi Enkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Imivubukulo Iyadingeka Ukuze Sibe Nokholo?
    I-Phaphama!—2002
  • IJerusalema Lasemhlabeni Liqhathaniswa NeJerusalema Lasezulwini
    Ukulondeka (ws)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 12/1 k. 11

INGABE BEWAZI?

Ingabe amaJuda aya eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E. ayevela “kuzo zonke izizwe ngaphansi kwezulu” ngempela?

Abantu bayaxoxa emgwaqweni ophithizelayo eJerusalema ngePhentekoste lika-33-C.E.

Umgwaqo onabantu abaningi eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E.

Ukwenezela kulokho okushiwo yiBhayibheli encwadini yezEnzo 2:​5-11, uPhilo, umbhali ongumJuda wangaleso sikhathi, walandisa ngesixuku sabantu esaya eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E.

Mayelana nalabo abaya eJerusalema, uPhilo wabhala: “Kweza izixuku zabantu zivela emadolobheni angenakubalwa, abanye beza ngezinqola, abanye ngemikhumbi, bevela empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naseningizimu, bezohlanganyela kuyo yonke imikhosi.” Wacaphuna nencwadi u-Agripha I, umzukulu kaHerode Omkhulu, ayithumela kuMbusi waseRoma uCaligula. Kuleyo ncwadi, u-Agripha washo lokhu ngokuphathelene neJerusalema: “Umuzi Ongcwele. . . awuyona nje inhloko-dolobha yezwe elilodwa laseJudiya kodwa uyinhloko-dolobha yamazwe amaningi, ngenxa yamakoloni eyawathola emazweni angomakhelwane.”

U-Agripha wabhala uhlu lwezindawo ezazingamakoloni amaJuda kuhlanganise nezindawo ezikude eMesophothamiya, eNyakatho Afrika, e-Asia Minor, eGrisi naseziqhingini zaseMedithera. Isazi uJoachim Jeremias sithi: “Nakuba lolu hlu lungasho lutho ngohambo lokuya eJerusalema, kuyacaca ukuthi kwayiwa eJerusalema ngoba kwakuyimpoqo ukuba wonke amaJuda asekhulile aye khona.”​—Duteronomi 16:16.

Zazihlala kuphi izinkulungwane ezaziya emikhosini yamaJuda eJerusalema?

Ubhavu wokugeza owatholakala eJerusalema

Ubhavu wokugeza owatholakala eJerusalema

EJerusalema kwakuba nemikhosi emithathu njalo ngonyaka​—iPhasika, iPhentekoste noMkhosi Wamadokodo. Ngekhulu lokuqala, izinkulungwane zabantu zaziya kule mikhosi eJerusalema, zivela kulo lonke elakwa-Israyeli nakuzo zonke ezinye izindawo okwakuhlala kuzo amaJuda. (Luka 2:​41, 42; IzEnzo 2:​1, 5-11) Bonke labo bantu kwakumelwe bathole indawo abazohlala kuyo.

Abanye babehlala kubangane babo, abanye behlala ezindaweni zezihambi ezikhokhelwayo. Abaningi babegxumeka amatende eduze nezindonga zedolobha. Ngesikhathi egcina ukuba seJerusalema, uJesu wahlala endlini ekhokhelwayo eBhethaniya.​—Mathewu 21:17.

Kuye kwatholakala izakhiwo ezinamabhavu okugeza amaningi eduze nethempeli. Kucatshangwa ukuthi lezi zakhiwo zazingamahostela okwakufikela kuwo izihambi futhi zigezele kuwo ngaphambi kokungena ethempelini. Umbhalo oqoshiwe owatholwa kulezo zakhiwo ubonisa ukuthi uTheodotus, umpristi nomholi wesinagoge kuleyo ndawo, “wakha isinagoge ukuze kufundelwe kuyo iTorah, futhi . . . wakha ihostela, amagumbi kanye namapayipi amanzi ukuze kusetshenziswe yizihambi ezazidinga indawo yokuhlala.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela