Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 1 k. 3
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Yini Eyigugu Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Kumelwe Ngibhapathizwe?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 1 k. 3
Umqashi ukhomba isisebenzi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?

Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?

UHitoshi wayesebenza ehhovisi lezimali enkampanini efunela abantu umsebenzi eJapane. Lapho ehlola amabhuku enkampani nomqashi wakhe, umqashi wamtshela ukuthi wayelindele ukuba abhale umbiko onganembile. UHitoshi wamchazela ukuthi unembeza wakhe ngeke umvumele ukuba abhale amanga. Ngenxa yalokho, umqashi kaHitoshi wathi uzomxosha emsebenzini futhi ekugcineni umsebenzi wamphelela.

Ezinyangeni ezalandela, uHitoshi wadangala ngenxa yokungawutholi umsebenzi. Ngokwesibonelo, kwenye ingxoxo yokuhlolelwa umsebenzi, uHitoshi wachaza ukuthi ngeke akwazi ukungathembeki emsebenzini. Umuntu owayemhlolela umsebenzi wathi kuye, “Indlela ocabanga ngayo iyamangaza!” Umndeni nabangane bakaHitoshi bamkhuthaza ukuba aqhubeke ezimisele ukuphila ngokwethembeka; nokho yena waqala ukungabaza. Ngokwesibonelo, wathi, “Ngazibuza ukuthi kazi kwakuwumqondo omuhle yini ukunamathela ngokwethembeka okholweni lwami.”

Ngokudabukisayo lokho okwenzeka kuHitoshi kusikhumbuza ukuthi akuwona wonke umuntu okwazisayo ukwethembeka. Empeleni, abanye bangaze babheke ukwethembeka njengesiphazamiso, ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Owesifazane osebenzayo eNingizimu Afrika wathi, “Ngizungezwe abantu abangathembekile futhi ngezinye izikhathi isilingo sokuphila njengabo siba namandla kakhulu.”

Olunye uhlobo lokungathembeki oluthé chithi saka namuhla, ukuqamba amanga. Ucwaningo olwenziwa eminyakeni edlule udokotela wengqondo, uRobert S. Feldman, e-University of Massachusetts Amherst, lwabonisa ukuthi amaphesenti angu-60 abantu abadala, aqamba amanga okungenani kanye ngemva kwemizuzu eyishumi. UFeldman uthi, “Lokho kwasimangaza kakhulu. Besingalindele ukuthola ukuthi ukuqamba amanga kuvame kangaka ekuphileni kwansuku zonke.” Kuyamangaza ukuthi abantu bayacasuka lapho bekhohliswa kuyilapho bona bewaqamba amanga.

Kungani ukuqamba amanga, ukweba nezinye izinhlobo zokungathembeki kuvame kangaka namuhla? Ukungathembeki kuwuthinta kanjani umphakathi wabantu uwonke? Okubaluleke nakakhulu, singayigwema kanjani le mikhuba yokungathembeki?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela