Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 4 k. 4
  • IBhayibheli Lasinda Ekugugeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli Lasinda Ekugugeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Siyidinga Ngempela Imibhalo Yokuqala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ubufakazi Bokulondoloza Kwaphezulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Yasinda Kanjani Lencwadi?
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • IBhayibheli—Indaba Emangazayo Yokusinda Kwalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 4 k. 4

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IBHAYIBHELI—INDLELA ELASINDA NGAYO

IBhayibheli Lasinda Ekugugeni

USONGO: Izinto eziyinhloko abalobi nabakopishi beBhayibheli ababebhala kuzo kwakuyi-papyrus nesikhumba.a (2 Thimothewu 4:13) Lezo zinto zalenza kanjani iBhayibheli lacishe langasinda?

Kulula ukuba i-papyrus idabuke, iphuphe futhi ithambe. Izazi zomlando waseGibhithe lasendulo, uRichard Parkinson noStephen Quirke, zithi: “Ikhasi [layo] lingagcina seliguge laba yizintanjana nothuli. Lapho umqulu ugciniwe futhi wagqibeka, ungakhunta noma uboliswe umswakama futhi ungadliwa amagundane noma izinambuzane, ikakhulu izintuthwane ezimhlophe.” Ngemva kokuba itholakele, enye i-papyrus yathola ukukhanya noma umswakama oweqile, yabe isiguga ngokushesha nakakhulu.

Isikhumba siqinile kune-papyrus, kodwa naso siyaguga uma siphathwa kabi noma sithola ukubanda nokushisa okweqile, umswakama noma ukukhanya.b Izinambuzane ziyasidla naso isikhumba. Ngenxa yalokho, incwadi ethi Everyday Writing in the Graeco-Roman East ithi imibhalo yasendulo ayivamile ukusinda. Ukube iBhayibheli laguga ngale ndlela, umyalezo walo wawuyoshabalala nalo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO: Ngokomthetho wamaJuda, kwakuyimpoqo ukuba wonke amakhosi ‘azibhalele encwadini ikhophi yalo mthetho,’ oyizincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli. (Duteronomi 17:18) Ngaphezu kwalokho, abakopishi abaqeqeshiwe bákhiqiza imibhalo yesandla eminingi kangangokuthi ngekhulu lokuqala C.E., imiBhalo yayitholakala emasinagogeni kulo lonke elakwa-Israyeli ngisho nale kude eMakedoniya! (Luka 4:16, 17; IzEnzo 17:11) Imibhalo yesandla emidala kakhulu yasinda kanjani kwaze kwaba namuhla?

1. Umgqonyana wobumba; 2. Ingxenye yomunye wemiQulu YasoLwandle Olufile

Imibhalo yesandla ebizwa ngokuthi imiQulu YasoLwandle Olufile yahlala amakhulu eminyaka emigqonyaneni yobumba emihhumeni endaweni eyomile

Umhhume okwatholakala kuwo eminye yemibhalo yesandla yeBhayibheli

Isazi seTestamente Elisha uPhilip W. Comfort sithi: “AmaJuda ayevamile ukulonda imiqulu enemiBhalo ngokuyifaka ezitsheni ezinjengezamanzi noma emigqonyaneni.” Kubonakala sengathi amaKristu aqhubeka nalo mkhuba. Ngenxa yalokho, kuye kwatholakala imibhalo yesandla yeBhayibheli yakudala emigqonyaneni yobumba, ezindlwaneni ezimnyama, emihhumeni nasezindaweni ezome ngendlela engavamile.

UMPHUMELA: Kuneziqeshana eziyizinkulungwane zemibhalo yesandla yeBhayibheli esekhona nanamuhla—eminye eneminyaka engaphezu kuka-2 000. Ayikho enye incwadi yasendulo enemibhalo yesandla eminingi kangaka neyakudala kangaka.

a I-papyrus yinto okubhalwa kuyo eyenziwe ngesitshalo sasemanzini naso esibizwa ngaleli gama.

b Ngokwesibonelo, ikhophi engokomthetho esayiniwe yeSimemezelo Sikazibuse Sase-United States yabhalwa esikhunjeni. Njengoba kungakapheli neminyaka engu-250, seyiphuphe kangangokuthi seyicishe ingafundeki.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela