Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 4 k. 8
  • Okwenze IBhayibheli Lasinda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenze IBhayibheli Lasinda
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Liwumyalezo KaNkulunkulu Oze Kithi
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Indaba Ebalulekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Okunye Okungasiza Imindeni
    I-Phaphama!—2018
  • Ucabangani NgeBhayibheli?
    Ucabangani NgeBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 4 k. 8
Indoda ifunda iBhayibheli

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IBHAYIBHELI—INDLELA ELASINDA NGAYO

Okwenze IBhayibheli Lasinda

IBhayibheli lisindile. Ngenxa yalokho, ungalithola futhi ulifunde namuhla. Futhi lapho ukhetha inguqulo yeBhayibheli eyenziwe kahle, ungaqiniseka ukuthi ufunda imibhalo yokuqala enokwethenjelwa.a Kodwa kungani iBhayibheli liye laqhubeka likhona naphezu kokuguga kwezinto elalilotshwe kuzo, ukuphikiswa okukhulu nemizamo yokushintsha umyalezo walo ngamabomu, ezimweni eziningi lisinda ngendlela ekhexisayo? Yini eyenza le ncwadi ikhetheke kangaka?

“Manje ngiyaqiniseka ukuthi iBhayibheli enginalo liyisipho esivela kuNkulunkulu”

Abafundi beBhayibheli abaningi sebeye bafinyelela isiphetho esifana nesomphostoli uPawulu owabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Bakholelwa ukuthi iBhayibheli lisinde ngenxa yokuthi lona lodwa liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu uligcinile kwaze kwaba namuhla. UFaizal ocashunwe esihlokweni sokuqala salolu chungechunge, wagcina esenquma ukuzihlolela lokho ngokutadisha iBhayibheli. Kwammangaza lokho akuthola. Ngokushesha wathola ukuthi izimfundiso eziningi ezivame kweLobukholwa azikho eBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, yamthinta injongo kaNkulunkulu ngomhlaba eyembulwe eZwini laKhe.

Uthi: “Manje ngiyaqiniseka ukuthi iBhayibheli enginalo liyisipho esivela kuNkulunkulu. Kakade, uma uNkulunkulu ekwazi ukwenza izulu nomhlaba, ubengeke yini abe namandla okusinika incwadi futhi asilondolozele yona? Ukusho okuphambene bekuyoba ukweya amandla kaNkulunkulu. Bekuyoba ukweya amandla oMninimandla onke—ngingubani nje mina ukuthi ngingenza leyo nto?”—Isaya 40:8.

a Bheka isihloko esithi “Ungayikhetha Kanjani Inguqulo YeBhayibheli Engcono Kakhulu?” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 2008.

Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?

Lolu chungechunge lwezihloko luxoxe ngokulondolozwa kweBhayibheli. Kodwa ungaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli ‘liyizwi likaNkulunkulu’ ngempela hhayi nje iqoqo lezinganekwane? (1 Thesalonika 2:13) Bukela i-video emfushane enesihloko esithi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso? ku-www.pr2711.com/zu. (Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI > AMA-VIDEO)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela