Isethulo
UCABANGANI?
Uma iBhayibheli livela kuNkulunkulu, ubungalindela yini ukuthi likwazi ukuqhubeka likhona ngisho noma kunezinto nabantu abazama ukulishabalalisa?
IBhayibheli ngokwalo lithi: “Utshani obuluhlaza bomile, imbali ibunile; kodwa izwi likaNkulunkulu wethu lona, liyokuma kuze kube nini nanini.”—Isaya 40:8.
Lezi zihloko zikhuluma ngendaba emangalisayo yokusinda kweBhayibheli.