Uhlu Lokuphakathi
3 INDABA YOKUPHILA—Ngiye Ngazuza Ngokuhamba Nabahlakaniphile
ISONTO LIKA-MAY 1-7, 2017
8 Nikeza Udumo Kulowo Olumfanele
AmaKristu kudingeka abe nombono olinganiselayo ngendlela yokubonisa inhlonipho nodumo. Ubani ofanelwe udumo? Kungani? Lesi sihloko sizosisiza siphendule leyo mibuzo, siphinde siqokomise nezinzuzo zokunikeza udumo labo olubafanele.
ISONTO LIKA-MAY 8-14, 2017
13 Bonisa Ukholo—Unqume Ngokuhlakanipha!
IBhayibheli libonisa ukuthi akufanele sibe manqikanqika singakwazi ukuthatha izinqumo. Kodwa kungani kudingeka senze izinqumo ezihlakaniphile? Yini ezosisiza senze kanjalo? Ingabe ngezinye izikhathi kufanele sishintshe isinqumo esisenzile? Lesi sihloko sizosisiza siphendule leyo mibuzo.
ISONTO LIKA-MAY 15-21, 2017
18 Khonza UJehova Ngenhliziyo Ephelele!
ISONTO LIKA-MAY 22-28, 2017
23 Uyoyigxilisa Yini Inhliziyo Yakho Ezintweni Ezilotshiwe?
Njengoba singaphelele sonke siyawenza amaphutha. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi ngeke sikwazi ukumjabulisa uJehova? Kulezi zihloko ezimbili, sizoxoxa ngezibonelo zamakhosi amane akwaJuda sibone amaphutha awenza—amanye alawo maphutha ayemabi kakhulu. Noma kunjalo, uJehova wayebheka lawo makhosi njenganenhliziyo ephelele. Ingabe uNkulunkulu usibheka njengabanenhliziyo ephelele yize senza amaphutha?