Lisiphatheleni Ikusasa?
LISIPHATHELENI IKUSASA?
Wake wazibuza yini ukuthi ikusasa likuphatheleni wena nomndeni wakho? IBhayibheli lithi:
“Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.
Le Nqabayokulinda izokusiza uqonde ukuthi kungani uNkulunkulu adala abantu nomhlaba. Izokusiza wazi nalokho okufanele ukwenze ukuze uzuze lapho izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseka.