Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w18 Januwari k. 32
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiko Lasendulo LamaNdiya AseMelika
    I-Phaphama!—1996
  • Bheka! Inceku KaJehova Ayamukelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • “UMthetho KaJehova Uphelele”
    Sondela KuJehova
  • “Okhethiweyo Wami, Lowo Umphefumulo Wami Omamukele!”
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
w18 Januwari k. 32

Ingabe Bewazi?

Kwa-Israyeli wasendulo ingabe izimiso zoMthetho kaMose zazisetshenziswa nsuku zonke lapho kuqulwa amacala ezomthetho?

YEBO, kodwa hhayi njalo. Cabanga ngalesi sibonelo. UDuteronomi 24:14, 15 uthi: “Akumelwe uphambe isisebenzi esisenkathazweni nesimpofu, kungakhathaliseki ukuthi singomunye wabafowenu noma wabafokazi abaphakathi kwenu abasezweni lakini, . . . ukuze singakhali ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.”

Ucezu lobumba

Ucezu lobumba okwakubhalwe kulo isicelo somuntu osebenza emasimini

Kuye kwatholwa umbhalo wasendulo eduze kwase-Ashdod onesicelo secala elinjalo elaqulwa ekhulwini lesikhombisa B.C.E. Kungenzeka sabhalelwa umuntu owayesebenza emasimini okungenzeka akakwazanga ukuletha okusanhlamvu okwakulindelekile, le ncwadi ebhalwe ocezwini lobumba ithi: “Ngemva kokuba inceku yakho [ummangaleli] iqedile ukufaka okusanhlamvu ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, uHoshayahu indodana kaShobay wafika wathatha ingubo yenceku yakho. . . . Bonke abantu engisebenza nabo emasimini bangangifakazela . . . ukuthi konke engikushilo kuyiqiniso. Ngimsulwa ecaleni engibekwe lona. . . . Uma umbusi engakubheki njengomsebenzi wakhe ukusiza inceku yakho ithole ingubo yayo, ngicela ukwenze ngenxa yozwela! Akumelwe uthule kuyilapho inceku yakho ingenayo ingubo.”

Isazi mlando uSimon Schama sithi lesi sicelo “asiyona nje indaba yomuntu osebenzayo ofuna [ingubo yakhe]. Isitshela ukuthi lo muntu ocelayo wayazi okuthile ngomthetho weBhayibheli, ikakhulukazi lokho okushiwo uLevitikusi noDuteronomi ngokuphathelene nokuphathwa kabi kwabantu abahluphekayo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela