Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 1 k. 15
  • Kungakusiza Kanjani Ukwazi UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungakusiza Kanjani Ukwazi UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlala Useduze NoJehova
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Yini Ongayenza Ukuze Umazi Kahle UNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • UNkulunkulu Ungumngane Ongcono Kunabo Bonke Ongaba Nabo
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Ayikho Indlela Yokuphila Engcono Kunale
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 1 k. 15
Abantu bajabulela ukuphila ePharadesi

Kungakusiza Kanjani Ukwazi Unkulunkulu?

Kuze kube manje sifunde ngezinto ezisisize ukuba sithole impendulo yombuzo othi, Singamazi yini uNkulunkulu? Siqale ngokufunda eBhayibhelini ukuthi igama lakhe uJehova, nokuthi uthando ubuntu bakhe obuvelele. Sifunde nangalokho akwenzile, nalokho asazokwenza ukuze kuzuze bonke abantu. Nakuba kukuningi okusafanele sikufunde ngoNkulunkulu, ungase uzibuze ukuthi ukwenza kanjalo kuzokusiza ngani.

UJehova uthembisa ukuthi “uma umfuna, uyomthola.” (1 IziKronike 28:9) Njengoba uqhubeka wenza umzamo wokumazi kangcono uNkulunkulu, uzothola into eyigugu kunazo zonke—“ubungani obuseduze noJehova”! (IHubo 25:14) Yini ongayithola ngokuba umngani kaNkulunkulu?

Injabulo yangempela. UJehova uchazwa ngokuthi ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Ukusondelana naye nokulingisa indlela enza ngayo kuzokunikeza injabulo yangempela engakuzuzisa ngokomzwelo, ngokwengqondo nangokomzimba. (IHubo 33:12) Uzothola injabulo ngoba uzogwema indlela yokuphila eyingozi, wenze izinto ezizokusiza futhi ulondoloze ubuhlobo obuhle nabanye. Ekugcineni uzovumelana nomhubi owathi: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”—IHubo 73:28.

Ukunakekelwa. UJehova uthembisa izinceku zakhe: “Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile.” (IHubo 32:8) Lokhu kusho ukuthi uJehova unaka isikhonzi sakhe ngasinye futhi asinikeze usizo kuye ngokuthi sidingani. (IHubo 139:1, 2) Lapho usunobuhlobo obuqinile noJehova, uyothola ukuthi uhlale eseduze nawe.

Ikusasa elihle. UJehova uNkulunkulu akagcini ngokukusiza ube nokuphila okujabulisayo nokwanelisayo manje, kodwa ukuvulela nethuba lokuba nekusasa elihle esikhathini esizayo. (Isaya 48:17, 18) IBhayibheli lithi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukuba bakwazi, wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nalowo omthumile, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kulezi zikhathi ezinzima, leli themba uNkulunkulu asinikeza lona lingaba njengehange elisigcina ‘siqinisekile futhi lisenza singangabazi.’—Hebheru 6:19.

Lezi kumane kungezinye zezizathu ezibalulekile zokuba wazi uNkulunkulu kangcono futhi wakhe ubungane naye. Ungakhuluma nomunye woFakazi BakaJehova uma ufuna ukuthola olunye ulwazi olungakusiza, noma ungene kuwebusayithi ethi www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela