Ukubukezwa Kwesikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini ezabelweni zamasonto kaJanuary 1 kuya kuApril 23, 1990. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. ‘IParadisi likaNkulunkulu’ okukhulunywa ngalo kusAmbulo 2:7 libhekisela ePharadesi elibuyiselwe emhlabeni. [reZU k. 37 isig. 14]
2. Umdala noma inceku ekhonzayo angalahlekelwa ilungelo lakhe lenkonzo uma ehluleka ‘ukubusa kahle abantwana bakhe.’ (1 Thim. 3:5, 12) [wZU88 3/1 k. 24 isig. 5]
3. Ngezinye izikhathi kuye kwaphawuleka ukuthi amakhosikazi aba buthaka ngokomoya ngenxa yokuthi izingane zawo ezincane ziyawavimbela ekubeni agxilise ingqondo ezifundweni noma ahlanganyele ngesilinganiso esikhulu emsebenzini wokushumayela. [wZU88 3/1 k. 24 izig. 6, 7]
4. Akulungile ngombhangqwana oshadile ukuba udele izinjabulo zokuba abazali ukuze ukwazi ukukhonza uJehova ngokugcwele. [wZU88 3/1 k. 25 izig. 10, 11]
5. ULuka 3:1, 2 ubonisa ukuthi uLuka wayengumcwaningi ocophelelayo nokuthi wahlola amarekhodi omphakathi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15 k. 24.]
6. KuLuka 17:30 uJesu wayebonisa isimo sengqondo; izahlulelo zaphakade zazingahilelekile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 6/1 k. 31.]
7. ULuka kuphela olandisa ukuthi ngesinye isikhathi uJesu wake wabuyisela ngokuyisimangaliso indlebe yenceku yompristi omkhulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15 k. 24.]
8. Inkulumo kaJesu ekuJohane 9:41 ethi, “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono,” isho ukuthi abanye abantu abanasono. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 8/1 k. 31.]
Phendula lemibuzo elandelayo:
9. Njengoba ‘isikhathi esisele sinciphile’ yini imibhangqwana eshadile okumelwe iyicabangele ngokunakekela ngokuphathelene nokuzala abantwana? [wZU88 3/1 k. 26 isig. 14]
10. Yini edingekile ekusizeni umntwana ukuba akhule ngokomoya nokuba athande uMdali wakhe? [wZU88 3/1 k. 26 isig. 19]
11. Abazali ‘bangabenza’ kanjani abantwana babo ‘abafundi?’ (Math. 28:19) [wZU88 3/1 k. 26 isig. 19]
12. Abagcini bobuqotho abathembekile baseSmirna bayoba kanjani nosizi “izinsuku eziyishumi”? [reZU k. 38 isig. 5]
13. Liyini iphuzu lomfanekiso okuLuka 12:16-21? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 7/15 k. 31.]
14. Amazwi kaJesu akuLuka 23:30 ayesho ukuthini esizukulwaneni sakhe? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU k. 112 isig. 28.]
15. NgokukaJohane 4:27, kungani kwaba khona ukusabela okunjengalokho okwaba khona ngenxa yokuthi uJesu wakhuluma nowesifazane ongumSamariya? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 3/15.]
16. Yimaphi amaqembu abantu amabili namuhla asabela ezwini likaJesu, alandele ukuhola kwakhe, futhi ajabulele ukunakekela kwakhe kothando? (Joh. 10:27, 28) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 3/15.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
17. Ukulalela uJehova ngazo zonke izikhathi kufanelekile ngenxa yokuthi ․․․․․․․. (IHu. 95:6, 7) [wZU88 4/1 k. 28]
18. “Isifundiso sikaBalami” okubhekiselwe kuso kusAmbulo 2:14 siyithonya elonakalisayo ․․․․․․․ okwangena ebandleni lasePhergamu ekhulwini lokuqala. [reZU k. 44 isig. 10]
19. Ukulandisa kweVangeli okuwukuphela kwakho okunikeza umfanekiso womSamariya olungileyo yilokho ․․․․․․․ [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15 k. 24.]
20. Ngenxa yokuba emfushane ngomzimba, u ․․․․․․․, umthelisi omkhulu, wakhwela esihlahleni ukuze abone uJesu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15 k. 24.]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
21. ‘Umfundi uJesu amthandayo’ (kwakunguPetru; kwakunguJohane; kwakunguPawulu). (Joh. 13:23) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 3/15.]
22. Ubhapathizo luyisibonakaliso (sokuzibopha; sokuzinikezela) kwethu kuJehova. [wZU88 3/15 k. 13 isig. 12, 13]
23. Kubonakala sengathi okuwukuphela komphostoli kubaphostoli abayi-12 owayevela eJudiya (kwakunguPetru; uMathewu; uJuda Iskareyothe). (Luka 6:12-16) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU86 9/1 k. 8.]
24. (UMarku; uLuka; uJohane) kuphela esitshela ngokuphila kukaJesu kwangaphambi kobuntu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 3/15.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Luka 5:1-6; Luka 8:30-32; Luka 16:9; Joh. 7:37
25. Uma nje sisaphila, kumelwe sisebenzise imali yethu ngendlela yokuba sizenzele ubungane noJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ig88 5/8 k. 8.]
26. Lapha uJesu wayebhekisela esikweni elalinezelwe eMkhosini WamaDokodo wezinsuku eziyisishiyagalombili. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 3/15.]
27. Amademoni ayazi ukuthi ukuphonswa kalasha kuyisahlulelo sokugcina sikaNkulunkulu kuwo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 5/15 k. 8.]
28. Esinye sezimangaliso eziyisithupha eziyingqayizivele eVangelini likaLuka. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15 k. 24.]