IZaziso
● Isipho sencwadi sangoSeptember: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R7,50. Izincwadi ezincane zingu-R3,75. Ngo-October: Isikhokhelo sePhaphama! noma seNqabayokulinda noma zombili ngomnikelo ka-R12,00 sisinye. NgoNovember: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo nenye okungaba ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? noma ethi Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha! ngomnikelo ka-R4,50. NgoDecember: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50.
● SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku eziqondile zomhlangano wesigodi eGoli uDecember 20-23, 1990.
● Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngoSeptember 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.
● Kubalulekile ukuba abazalwane abahlela uhambo lwabantu abaningi noma ngamabhasi lokuvakashela eBethel babhalele iHhovisi laseBethel kuqala. Sizani nisho inani labantu abezayo kanye nezinsuku zokuza. Izincwadi ezithunyelwa eBethel kufanele zithunyelwe eWatch Tower, Bethel Office, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740. Ngenxa yabantu abaningi abaguduza iBethel beyibuka manje sekunesidingo sokumisa izikhathi zokubuka iBethel. Zizoba ngalendlela: 9:00 a.m., 10:15 a.m., 11:00 a.m., 2:00 p.m., nango-3:00 p.m. phakathi nesonto. NgeMigqibelo indawo iyobonwa ekuseni kuphela ngo-9:00 a.m. nango-10:15 a.m.
● NgoMgqibelo, October 13, 1990, ikhaya laseBethel nefekthri kuyobe kuvaliwe ukuze kuhlanzwe, ngakho ngeke abe khona amalungiselelo okubona indawo.
● Phakathi nokuhambela okulandelayo okuyoqala ngoSeptember 1990, umbonisi wesifunda uyoba nesikhathi enonobhala kanye nomphathi wezimali ukuze babukeze izinqubo zokuphathwa kwezimali. Lolusizo lomuntu siqu lombonisi wesifunda luzosiza ekuqikeleleni ukuthi izimali zebandla zisingathwa kahle ngokweziyalezo zeNhlangano ngokuphathelene nokunakekela amarekhodi ebandla.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Insight on the Scriptures, Umqulu 1 (ibandla neningi: R18,25; amaphayona: R15,50)—ngesiNtaliyane
Watch Tower Publications Index 1986-1989 (ibandla neningi: R4,00; amaphayona: R2,50)—ngesiNgisi
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
IAlbhamu yemiBhalo YesiHeberu—Umqulu 3, Proverbs kuya kuMalachi (isethi yamakhasethi angu-18 kualbhamu; ibandla neningi: R90,00; amaphayona: R64,00)—ngesiNgisi