Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/93 k. 3
  • Ibhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ibhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Ubhapathizwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukuze Sibe AmaKristu Kumelwe Sibhapathizwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ukubhapathizwa​—Umgomo Omuhle!
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 9/93 k. 3

Ibhokisi Lemibuzo

◼ Labo ababa-khona lapho kubhapathizwa abantu bangayibonakalisa kanjani injabulo?

Ubhapathizo luyisenzakalo esijabulisayo. Kuyasijabulisa ukubona abasanda kuhlanganyela bethatha ukuma kwabo ohlangothini lukaJehova, bebonakalisa ukholo lwabo obala. (IHu. 40:8) UJesu wathi lokhu kubangela injabulo enkulu emazulwini. (Luka 15:10) Amalungu omkhaya nabamemezeli ababefunda nalabo ababhapathizwayo bajabula ngokukhethekile lapho bebona laba abasanda kuhlanganyela bethatha lesinyathelo esibalulekile. Kodwa injabulo enjalo ingabonakaliswa kanjani ngokufanelekile?

Ubhapathizo lukaJesu lwabeka isibonelo sobhapathizo lwamaKristu namuhla. Waqaphela ukuthi lwaluyisinyathelo esingathi sína nesibalulekile ayesezosithatha. Wayethandaza njengoba ayebhapathizwa. (Luka 3:21‚ 22) Wayazi ukuthi ubhapathizo luyisikhathi sokuzindla nokucabanga ngendlela ehluzekile. Abafundi bakhe nabo baqaphela ukubaluleka kobhapathizo. Ngemva kokuthululwa komoya ongcwele ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., kwabhapathizwa abacishe babe ngu-3000. Basabela kanjani abafundi ababona lesosenzakalo? “Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli‚ nasekuhlanganeni‚ nasekuhlephuleni isinkwa‚ nasemikhulekweni.” (IzE. 2:41‚ 42) Abafundi bacabanga ngezinto ezingokomoya futhi babonisana umoya wokungenisa izihambi.

Emihlanganweni yamaKristu ezikhathini zanamuhla ubhapathizo luye lwaba isici esivelele. Ngokuqinisekile kuyafaneleka ukuba sibonise injabulo yethu ngokushaya ihlombe nangokuncoma lapho sibona abantu bethatha ukuma kwabo ngasohlangothini lukaJehova. Ngakolunye uhlangothi, ukubonakaliswa kokwesasa okungalawuliwe, ukushaya amakhwela, ukuphakamisa izandla, nokumemeza amagama abantu bekungeke kufaneleke. Ukuziphatha okunjalo kubonisa ukuntuleka kokuqaphela ukuba okungathi sína nobungcwele balokhu kubonakaliswa kokholo. Futhi lesi akusona isikhathi esifanelekile sokubukisa ngokupha abhapathizwayo izimbali noma ezinye izipho lapho nje bephuma emanzini. Ubhapathizo lubonisa ukuqala komncintiswano wobuKristu wokuzuza insindiso. Singathokoza futhi sikhuthaze labo ababhapathizwayo ngokubasiza baqaphele ubuhlobo obuseduze noJehova ubhapathizo olubenza babe nabo.

Indawo okubhapathizelwa kuyo ngeke kufaneleke ukuba ibe indawo yokwenza amahlaya, ukudlala, ukubhukuda, noma okunye ukuziphatha okungenza kungabonakali ukubaluleka kwalesenzakalo. Injabulo yethu kufanele ibonakaliswe ngendlela enesizotha. Ukuhleleka kwethu nokuthatha lokhu njengokungathi sína kuyoba nengxenye ekujabuliseni bonke abakhona.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela