Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/93 k. 5
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Zisebenziseni Ningazigcini Nje
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Ingabe Uthola ‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ingabe Uyakusebenzisa Lokho Onakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 5/93 k. 5

IBhokisi Lemibuzo

◼ Ingabe kulungile ukwenza amakhophi ezincwadi zeNhlangano ngenjongo yokuwanikeza abanye?

Eminyakeni eminingi edlule, iNhlangano iye yakhipha izinhlobo eziningi zezincwadi ezikhuluma cishe ngazo zonke izici zolwazi lweBhayibheli. Abantu abafunde iqiniso eminyakeni yamuva bangase babe nomuzwa wokuthi baye baphuthelwa izinzuzo zezincwadi ezanyatheliswa esikhathini esidlule futhi ezingasatholakali eNhlanganweni. Abanye baye benza imizamo emikhulu yokuthola amakhophi ezincwadi ezindala, futhi abanye baye bazenzela bona amakhophi ezincwadi zeNhlangano futhi bawenza atholakala ngezindlela ezihlukahlukene. Lokhu kuye kwahlanganisa nokunyatheliswa kabusha kwezincwadi kanye nokwenziwa kwamakhophi nge-computer. Kwezinye izimo, lokhu kuye kwenziwa ngenjongo yokuthola inzuzo engokwemali.

‘Inceku’ ethembekile iyazazi izidingo zethu ezingokomoya futhi yenza amalungiselelo “ngesikhathi esifanele.” (Math. 24:45, qhathanisa neNW) Lapho kunesidingo sokukhipha kabusha ukwaziswa okwanyatheliswa esikhathini esidlule, iNhlangano iye yawenza amalungiselelo anjalo. Ngokwesibonelo, imiqulu ye-Watchtower esukela ku-1960 kuya ku-1985 iye yanyatheliswa kabusha yenziwa yatholakala kubo bonke. Nokho, lapho abantu bezithathela isinyathelo kuqala sokwenza amakhophi futhi bawasakaze, kungase kuvele izinkinga ezingadingekile.

Kudaleka izinkinga ezingathi sína lapho kwenziwa amakhophi anyatheliswe kabusha futhi esakazwa ukuze kutholakale inzuzo engokwemali. IBhokisi Lemibuzo eliku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1977 lathi: “Kungcono kakhulu ukungasebenzisi ukuhlangana okungokwasezulwini ngokusungula noma ngokutusa ukuthengiswa kwanoma yiziphi izinto noma umsebenzi ngezinzuzo zezentengiselwano eHholo LoMbuso, eZifundweni Zencwadi Zebandla nasemihlanganweni emikhulu yabantu bakaJehova. Lokhu kuyosisiza ukuba sinikeze izithakazelo ezingokomoya ukunakekela okugcwele ezikufanele nokuba sigcine imisebenzi yezentengiselwano isendaweni yayo.” Khona-ke, kubalulekile ukuba sigweme ukuthambekela kokwenza inzuzo lapho kuziwa ekuhwebeni ngeZwi likaNkulunkulu noma okuthile okuhlobene nalo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela