Ukunakekela Izidingo Ezingokomoya Zabayizithulu
1 Inani elandayo labantu abayizithulu lidonselwa kuMalusi Omuhle futhi liba sebuhlotsheni bokuzinikezela kuJehova uNkulunkulu. (Joh. 10:3, 11) Abanye ebandleni, ikakhulukazi abadala, kufanele bakuphaphamele ukunakekela izidingo ezingokomoya zabafowethu nodadewethu abayizithulu.
2 Ukuhlangabezana Nezidingo Zezithulu: Kwenziwa amalungiselelo okuba imihlangano yebandla ihunyushelwe olimini lokukhuluma ngezandla noma kuphi lapho abahumushi abafanelekayo betholakala khona. Uma engekho ebandleni owazi ulimi lokukhuluma ngezandla, kungase kufaneleke ukuba abantu abayizithulu baqondiswe ebandleni eliseduze elinganikeza lenkonzo. Yebo, uma engekho amalungiselelo anjalo endaweni yakini, kungase kwenzeke ukuba abamemezeli abakhethiwe bahlale ngokushintshana eduze kwabantu abayizithulu futhi bababhalele amaphuzu ayinhloko okukhulunywa ngawo.
3 Amalungiselelo Esifunda Nawebandla: Amalungiselelo okuhumusha ngolimi lokukhuluma ngezandla emihlanganweni yesifunda neyezinsuku zomhlangano okhethekile aqondiswa umbonisi wesifunda. Umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo angase akhethwe njengomqondisi. Abazalwane nodade abayizibonelo bangabelwa ukuba bahlanganyele ekuhumusheni isimiso somhlangano. Kungalandelwa isimiso esifanayo ebandleni, kuqikelelwe ukuthi izidingo zabantu abayizithulu zinakekelwa kahle.
4 Kutuswa ukuba abantu abayizithulu bahlaliswe endaweni abangase bakwazi ukubona kuyo abahumushi abakhuluma ngezandla nendawo yesikhulumi ngesikhathi esifanayo. Lokhu kubalulekile emihlanganweni yebandla neyesifunda. Emihlanganweni yebandla kutuswa ukuba umuntu ohumusha ngezandla ahlale phansi uma inani lezithulu lilincane. Abadala bakhuthazwa ukuba baxoxe nomzalwane oyisithulu ovuthiwe, uma kungenzeka, ukuze bathole ukusikisela okuqondile ngokuphathelene namalungiselelo afanelekayo ezindawo zokuhlala.
5 Uma kunomzalwane okwazi ukukhuluma ngezandla okhonza njengomdala noma inceku ekhonzayo futhi inani labazalwane nodade abayizithulu likwenza kufaneleke, abadala bangase banqume ukuba eminye imihlangano iqhutshwe yonke ngolimi lokukhuluma ngezandla. ISifundo Sencwadi Sebandla kungase kube yiwona mhlangano wokuqala wamasonto onke oqhutshwa ngalendlela. Uma ibandla lingathanda ukuba eminye yemihlangano emihlanu eqhutshwa masonto onke iqhutshwe ngolimi lokukhuluma ngezandla noma nganoma iluphi olunye ulimi ngaphandle kolimi noma (izilimi) ezisetshenziswa ebandleni, abadala kufanele bazise iNhlangano ngesifiso sabo.
6 Nakuba ukukhulumisana phakathi kwezithulu nabantu abezwayo kungase kudinge imizamo ekhethekile kuwo womabili amaqembu, wonke amalungu ebandla kufanele azame ukujwayelana ukuze kube khona ukukhuthazana okuqotho. (Heb. 10:24) Lomoya phakathi kwabazalwane uyokwenza bonke abasanda kuhlanganyela bazizwe bamukelekile.