I-video Ethi The Bible—Mankind’s Oldest Modern Book
1 IBhayibheli liyincwadi esakazwe kakhulu kuwo wonke umlando. Ayikho enye incwadi eye yahunyushelwa ezilimini eziningi kangaka. Ngaphezu kwalokho, alikho iqembu labantu eliye lashiseka njengoFakazi BakaJehova ekusakazeni iBhayibheli nasekulivezeni obala ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu.
2 Njengoba liyiZwi likaNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi linikeza izimpendulo ezisebenzisekayo ezinkingeni zanamuhla. Inhlangano kaJehova inikeza nosizo oluyinzuzo lokuthola lezozimpendulo ezincwadini nakuma-video. Njengoba kwakhishwa isaziso ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1994, i-video yesiNgisi ethi The Bible—Mankind’s Oldest Modern Book, eyi-video yesibili kwamathathu abonisa ukuphefumlelwa kweBhayibheli, manje isiyatholakala futhi inga-odwa ngebandla. Ithatha imizuzu engu-40.
3 Njenge-video yokuqala kuloluchungechunge, nalena yesibili yakha ukuthembela eBhayibhelini njengeliyisiqondiso saphezulu. Isebenzisa ukwaziswa okuthathwe emazweni okukhulunywa ngawo eBhayibhelini nakumamnyuziyamu akuwo wonke umhlaba ukuze isisize siqaphele indlela uJehova uNkulunkulu aye walilondoloza ngayo iBhayibheli kuwo wonke amakhulu eminyaka kuze kufike osukwini lwethu. Nizobona indlela ukunemba kweBhayibheli okuye kwalondolozwa ngayo naphezu kokukopishwa nokuhunyushwa kwalo ngokuphindaphindiwe. Nizobona indlela lencwadi yaphezulu eye yalondolozwa ngayo naphezu kokuphikisa okukhulu kokuba isakazwe. Nizobona nobufakazi obungokoqobo bendlela iBhayibheli eliye laguqula ngayo ukuphila kwabantu.
4 Le-video iyoba usizo kakhulu ezingxoxweni zomkhaya zeBhayibheli nakwezinye izinjongo eziwusizo—njengoba nje injalo neyokuqala. Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyokubusisa ukusetshenziswa kwayo. Labo abangakayi-odi bangakwenza ngokushesha ngabaphatha izincwadi ebandleni. I-video ethi The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy nethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name nawo asatholakala.