Qaphelani Umusa Ongafanele
1 Abantu bakaJehova baziwa ngomusa wabo kanye nomoya wokuphana. Ngokuvamile ubonakala ngezinto ezibonakalayo lapho silingisa um-Samariya onomusa uJesu akhuluma ngaye emfanekisweni wakhe othinta inhliziyo. (Luka 10:29-37) Nokho, abanye abangalufanelekele usizo lwezinto ezibonakalayo bangase bazame ukuwusebenzisa kabi umusa wethu. Ngaleyondlela, uthando lwethu ngabanye kufanele lwenziwe lube sesilinganisweni ‘ngokwazi nokuqonda konke.’—Fil. 1:9.
2 Ebandleni: Ngokwesibonelo, othile angase athi akasebenzi noma anikeze ezinye izizathu zokucela usizo. Ngezinye izikhathi labantu abawufuni ngenkuthalo umsebenzi kodwa bamane nje bafuna ukuba abanye babanikeze izidingo zokuphila. Ngokuphathelene nabanjalo umphostoli uPawulu weluleka: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”—2 Thes. 3:10.
3 “Isikhathi nethuba” kuyasehlela sonke, ngakho uma siswele ngokwezinto ezibonakalayo, singenaso “isinkwa sethu semihla ngemihla,” akufanele sikhathazeke ngokweqile, ngoba uJehova uyabalungiselela labo abamthandayo nabenza intando yakhe. (UmSh. 9:11; Math. 6:11, 31, 32) Umuntu oswele angase akuthole kuyinzuzo ukukhuluma nomunye wabadala. Kungenzeka ukuthi abadala bazi izimiso ezithile zikahulumeni eziklanyelwe ukunikeza usizo futhi kungenzeka babe sesimweni sokukusiza ekugcwaliseni amaphepha noma ekuqondeni izimfuneko zezimiso ezinjalo. Kunoma ikuphi, abadala bangahlolisisa izimo zomuntu ngamunye odinga usizo bese bethola ukuthi yini engenziwa.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:3-16.
4 Abakhohlisi Abajikelezayo: INhlangano iyaqhubeka ithola imibiko yokuthi abathile emabandleni baye baphanjwa abakhohlisi abajikelezayo imali kanye nezinto ezibonakalayo. Lokhu akufanele kusimangalise, njengoba imiBhalo ixwayisa ngokuthi “abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.” (2 Thim. 3:13) Ngokuvamile labakhohlisi bathi basenkingeni futhi badinga imali ukuze bakwazi ukuthola imali yokugibela izinto zokuhamba neyokudla lapho bephindela ekhaya. Nakuba bengase bazwakale beqotho, ezikhathini eziningi basuke bengesibo nhlobo oFakazi BakaJehova kodwa bemane bezenza bona.
5 Uma umuntu ongamazi ecela usizo, kuwukuhlakanipha ukuthinta omunye wabadala bebandla, ongahola ekutholeni ukuthi lomuntu ungumfowethu yini noma cha. Ngokuvamile kufanele kushayelwe omunye wabadala bebandla laloyomuntu ucingo ukuze kuqinisekwe ngesimo salowomuntu. Abazalwane nodade abaqotho ngokungalindelekile abazithola beswele bayoqonda ukuthi loluhlobo lokuhlola lwenzelwa ukuvikela bonke abathintekile. Ngakolunye uhlangothi, abakhohlisi bayodalulwa ngalendlela yokucubungula. Asikho isidingo sokusola ngokungadingekile bonke abantu esingabazi, kodwa kufanele siqaphele abakhohlisi abonakele.—Bheka futhi i-km 11/80, ikhasi 7.
6 INkosi ehlakaniphile uSolomoni yeluleka: “Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.” (IzAga 3:27) Ngokwahlulela ngokuhlakanipha, singaqhubeka sinesihe kuyilapho sikuqaphele ukubonisa umusa ongafanele.