Hlala Unesimo Sengqondo Esiqondile
1 Yeka indlela esivukwa amadlingozi ngayo lapho sifunda ngokwanda okumangalisayo okwenzeka emazweni amaningi! Nokho, siyaqaphela ukuthi kwezinye izindawo abamemezeli boMbuso ngokuvamile babhekana nokungabi nasithakazelo nokunganaki, noma ngisho nokuphikiswa ngokuqondile komsebenzi wethu wokushumayela. Singahlala kanjani sinesimo sengqondo esiqondile uma insimu yethu injalo? Singasivimbela kanjani isimo sengqondo esingesihle esingasephuca injabulo yethu noma sinciphise intshiseko yethu yomsebenzi wokwenza abafundi?
2 Isimo sengqondo esiqondile siyosisiza ukuba sihlale sinokulinganisela. Ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima, akufanele sivumele imicabango engaqondile ibuse umbono wethu. UJesu wasibekela isibonelo esihle kakhulu. Bambalwa kakhulu abantu abakwamukela lokho ayekufundisa. Abaningi bakhubeka ngokufundisa kwakhe. Wabhekana nezimo ezakuvivinya ngempela ukukhuthazela kwakhe. Abaholi benkolo bawugxeka umsebenzi wakhe futhi baceba ukumbulala. Wakhafulelwa ngamathe, wamukulwa, wagconwa, washaywa, futhi ekugcineni wabulawa. Nakuba kunjalo, wayethola injabulo emsebenzini ayewenza. Ngani? Waqaphela ukubaluleka kokwenza intando kaNkulunkulu, futhi akazange adikibale.—Joh. 4:34; 13:17; Heb. 12:2.
3 Londoloza Umbono Oqondile Ngenkonzo Yethu: Ukuze sikwenze lokhu, kudingeka sikhumbule izici eziningana. Khumbula ukuthi sinesigijimi abantu abaningi abangasinaki noma abasiphikisayo. (Math. 13:14, 15) Nakuba abaphostoli batshelwa ngokusemthethweni ukuba bayeke ukufundisa ngegama likaJesu, bahlala bethembekile ekuthunyweni kwabo kokushumayela, futhi isivuno sasilokhu sanda. (IzE. 5:28, 29; 6:7) Sazi kusengaphambili ukuthi kwamanye amasimu, bambalwa kakhulu abantu abayolalela. (Math. 7:14) Ngakho, kumelwe sijabule uma umuntu oyedwa nje ensimini yethu esilalela. Khumbula futhi ukuthi ngisho nalabo abaphikisayo kufanele banikezwe ithuba lokuzwa. (Hez. 33:8) Ngokuhamba kwesikhathi abanye abaphikisi bayashintsha babe abakhulekeli bakaJehova. Ngakho uma sinombono oqondile ngayo, inkonzo yethu ingasinikeza umuzwa wokuthi sifeza okuthile, ngisho noma bembalwa abalalelayo. Khona kanye ukufika kwethu ezindlini zabo nesigijimi soMbuso kaNkulunkulu kuwubufakazi.—Hez. 2:4, 5.
4 Sinesizathu esihle sokuba nombono oqondile. Ukuchuma komsebenzi womhlaba wonke kanye nobufakazi obandayo bokusondela kosizi olukhulu kufanele kusishukumise sonke ukuba senze konke okusemandleni ethu ekukhonzeni ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. (2 Pet. 3:11, 14) Inkonzo yentshiseko phakathi no-August ingaba indlela enhle yokubonisa ukwazisa kwethu ngalokho esiye sakufunda. Sifuna futhi nabasanda kuhlanganyela ukuba babe nesimo sengqondo esiqondile ngokusebenzisa lokho abakufundiswayo. Uma abanye babantu esifunda nabo iBhayibheli beye bathuthukela ezingeni lokulungela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe, inyanga ka-August ingase ibe isikhathi esihle kakhulu abangaqala ngaso.
5 Kungakhathaliseki ukuthi sikhonza njengabamemezeli noma amaphayona, sonke kuyasisiza ukukhumbula ukuthi lokho uJehova akufuna kithi akuwona umthwalo. (1 Joh. 5:3) Uthembisa ukuthi uyosisekela. (Heb. 13:5b, 6) Naphezu kokunganaki, ukungabi nasithakazelo, noma ukuphikisa komphakathi, kumelwe sibe nesimo sengqondo esiqondile futhi siqhubeke sishumayela ngenxa yokuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba senze kanjalo.—1 Thim. 2:3, 4.