Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/94 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 12/94 k. 7

IZaziso

◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-January: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R10,50. Izincwadi ezincane zingu-R5,30. Ngo-March: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu sekwenziwe.

◼ ISikhumbuzo sango-1996 siyokuba ngoLwesibili, April 2, ngemva kokushona kwelanga. Lokhu kwaziswa kusengaphambili ngosuku lomkhosi weSikhumbuzo sango-1996 kwenzelwa ukuba abazalwane bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekile okufuna izindawo noma benze izivumelwano ngamahholo angatholakala lapho kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kufanele athole ezinye izindawo.

◼ Incwadi eyayivela eNhlanganweni ka-August 1, 1994, eyayibhekiswe kuwo wonke amabandla, yaphawula ukuthi kuzothunyelwa kuwo wonke amabandla izenezelo ezimbili ezibukeza lezo ezaziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1992 no-March 1993. Kufanele ukuba senizitholile lezizenezelo. SIZANI NIPHAWULE: Njengoba lezizenezelo sezibukeziwe, sizani nizilahle ezokuqala eninazo. Esenezelweni sika-June 1992, kunikezwa isiqondiso esikhanyayo sokusebenzelana namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela. Siza usibeke lapho ongasithola khona ngokushesha. Esikhathini esizayo kufanele abadala bazinikeze bonke abasanda kubhapathizwa lezizenezelo.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiPolish: New World Translation of the Christian Greek Scriptures (ibandla neningi: R5,60; amaphayona: R3,70). NgesiPedi: Incwadi Yokuchasisa Isikole (ibandla, iningi, namaphayona: R3,50).

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela