IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-February: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R10,50. Izincwadi ezincane zingu-R5,30. Ngo-March: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R30,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R15,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana.
◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anobunzima bokufinyelela amahora afunekayo, abadala kufanele bahlele ukuba kunikezwe usizo. Ukuze nithole ukusikisela, bhekani izincwadi enanizibhalelwe iNhlangano (S-201) ka-October 1, 1993, neka-October 1, 1994. Bhekani nezigaba 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.
◼ Ukugujwa kweSikhumbuzo kuzoba ngoLwesihlanu, April 14, 1995. Nakuba inkulumo ingasheshe iqale, sizani nikhumbule ukuthi ukudluliswa kwesinkwa newayini kweSikhumbuzo akufanele kuqale lingakashoni ilanga. Buzani emithonjeni yendawo ukuthi endaweni yakini lishona nini ilanga. Akufanele kuqhutshwe noma imiphi imihlangano ngalolosuku ngaphandle kowenkonzo yasensimini. Uma ngokuvamile ibandla lakini liqhuba imihlangano ngoLwesihlanu, ningase nithande ukuyishintshela kolunye usuku lwesonto uma iHholo LoMbuso lizobe lingasetshenziswa.
◼ Ekuphetheni kwemihlangano yebandla nezimiso zomhlangano wesifunda nowosuku olukhethekile ngo-April 23, 1995, kuyokwenziwa isaziso esiphathelene nomsebenzi okhethekile ozoqala wokusakaza kabanzi ipheshana elinamakhasi amane eliqukethe isigijimi esifike ngesikhathi. Abamemezeli bayokhuthazwa ukuba banakekele ngokukhethekile abantu abanhliziyo ziqotho abacabanga ngokungathi sína ngezinkinga ezikhungathekisayo ababhekene nazo nabafuna isiqondiso esinokwethenjelwa. Ummemezeli ngamunye, kuhlanganise nabasanda kuqala abayoqala ukuya enkonzweni yasensimini ngo-March, April, nango-May, bayofuna ukuhlanganyela ngokugcwele futhi basekele lomkhankaso okhethekile.
◼ Abamemezeli abafisa ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-March, April, nango-May kufanele bahlele manje futhi bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyosiza abadala ukuba benze amalungiselelo adingekayo enkonzo yasensimini futhi kube khona nezincwadi ezanele.
◼ Amabhokisi eminikelo eHholo LoMbuso kufanele aphawulwe ngokugqamile. Lapho nenza iminikelo, qikelelani ukuthi niyifaka emabhokisini afanelekile aphawulwe ngokuthi “Isikhwama Sokwakha Segatsha,” “Isikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso,” nangokuthi “Iminikelo Yebandla.” Abadala bangase bakuthole kuwusizo ukwenza isaziso esiphathelene nalokhu uma kudingeka. Iminikelo efakwa emabhokisini ahlukahlukene akufanele isetshenziselwe injongo ehlukile. Kuwumthwalo wemfanelo womuntu ngamunye ukubonisa injongo yomnikelo wakhe ngokuwufaka ebhokisini elifanele. Amalebula anga-odwa eNhlanganweni.
◼ Siyajabula ukunazisa ukuthi amakhasethi ayisishiyagalombili e-Kingdom Melodies manje aseyatholakala ku-albhamu. Amabandla neningi angawathenga ngo-R68,00, kanti amaphayona ngo-R55,00. Amabandla kufanele alungise ngokufanele uHlu Lwamanani lwawo. Nisengawa-oda amakhasethi ngamanye kanye ne-albhamu engenalutho.
◼ Isimiso se-GetVerse, enaziswa ngaso ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1994, manje sesiyatholakala ku-diskette eyodwa engu-3 1/2-inch 720-kilobyte. Ibandla, iningi, namaphayona bangayithenga ngo-R12,00.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Incwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995 e-odeni lawo lezincwadi lango-February. Incwadi Yonyaka Ka-1995 izotholakala ngesiFulentshi, isiGreki, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, nesiZulu. Incwadi Yonyaka iyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-R5,60 iyinye. Amaphayona asenezinyanga eziyisithupha esohlwini angayithola eyamahhala ibandla eliyoyicelela isaphulelo. Amaphayona angathola ezengeziwe ngo-R3,70 iyinye.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Ngesi-Arabhu: Lapho Ufelwa Othandekayo (ibandla neningi: R1,00; amaphayona: R0,70). NgesiBemba: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiBhunu: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiCheŵa: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiCroatia: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiDashi: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiFulentshi: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiGreki: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiHungary: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiJalimane: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiNgisi: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiNtaliyane: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiPolish: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiPutukezi: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiRomania: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiRussia: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgeSipedi: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiSerbia: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiShayina: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiShona: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiSuthu: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiSwahili: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiTsonga: Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso (ibandla neningi: R3,50; amaphayona: R2,65); Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiTswana: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiVenda: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiXhosa: Lapho Ufelwa Othandekayo. NgesiZulu: Incwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995 (ibandla neningi: R5,60; amaphayona: R3,70); Lapho Ufelwa Othandekayo.