Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/95 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini Siveza Izinzuzo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • ISikole Esisihlomisela Ukwenza Izinto Ezibaluleke Kakhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Isikole Esiphumelelayo Esisemhlabeni Wonke
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 5/95 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Iziphi izinto okufanele siziphathe lapho siya emihlanganweni?

Isonto ngalinye sithola imfundo ewusizo nesikhuthazo emihlanganweni yebandla. (Isaya 48:17; Heb. 10:24, 25) Nokho, ukuthi sizuza kangakanani kuxhomeke ikakhulukazi ekutheni siya kuyo siyilungiselele yini noma cha.

Kungakuhle ukuba ilungu ngalinye lomkhaya libe nencwadi yalo efundwayo kanye nezinye izinto ezidingekayo emihlanganweni. Lokhu kungahlanganisa iBhayibheli, iculo, incwadi noma izincwadi ezifundwayo, incwadi yokubhala amaphuzu, kanye nepeni likayinki noma lomsizi.

ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kudingeka iSimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nethi Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini. Lezizinto zisisiza ukuba sigcine engqondweni izihloko zezinkulumo zabafundi ezinikezwayo nokuba sihambisane nombonisi wesikole lapho enikeza iseluleko. Lesiseluleko nokusikisela singakwenza kusebenze kithina ukuze sithuthukise izinkulumo zethu siqu nezintshumayelo zasenkonzweni yasensimini. Kusukela ngo-January, eziningi zezinkulumo zokuyala zisekelwe kwethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Kungase kungenzeki ukuba ilungu ngalinye lomkhaya liphathe ikhophi yalo; mhlawumbe kungaphathwa umqulu owodwa ukuze umkhaya ukwazi ukubheka kuwo.

EMhlanganweni Wenkonzo, kudingeka siphathe INkonzo Yethu YoMbuso yamuva kanye nencwadi ethi Ukubonisana. Phatha nanoma iyiphi enye incwadi okuzobhekiselwa kuyo phakathi nalomhlangano, njengezincwadi ezizosetshenziswa ezintshumayelweni zemiboniso. Abadala kufanele baphathe ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.

Abazali kufanele benze umzamo wokwenza izingane zabo zihlale zithule futhi zilalele emihlanganweni yebandla. Ukuzinikeza awazo amakhophi e-Nqabayokulinda nezinye izincwadi, ngisho nangaphambi kokuba zikwazi ukufunda, kuzikhuthaza ukuba zibe nesithakazelo. Lapho izingane zifundiswa ukuba zihloniphe izincwadi ezingokwasezulwini futhi zizisebenzise, kwakheka imikhuba emihle engokomoya nehlala njalo.

Injabulo nokwaneliseka esikuthola emihlanganweni yebandla kwanda kakhulu lapho siza kuyo sihlome ngokuphelele. (2 Thim. 3:17) Lena indlela engcono kakhulu yokuqikelela ukuba ‘sigcwale ulwazi olunembile ngentando [kaNkulunkulu] kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya.’—Kol. 1:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela