Hlobo Luni Lwabantu Okufanele Nibe Yilo?
1 Isikhathi sokulandisa kwaso sonke isintu siyasondela. IBhayibheli lisibiza ngokuthi ‘usuku lukaJehova.’ Siyisikhathi okuzokhishwa ngaso isahlulelo saphezulu kubantu ababi; isikhathi futhi sokukhululwa kwabalungileyo. Bonke abantu abayobe bephila ngaleso sikhathi bayolandisa ngendlela abaye basebenzisa ngayo ukuphila kwabo. Ecabanga ngalokhu, uPetru uphakamisa umbuzo ohlolayo: “Hlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo”? Ugcizelela ukubaluleka ‘kwezenzo zokuziphatha ezingcwele, izenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nokukugcina kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova,’ kanye nesidingo ‘sokungabi nabala, nasici, nesokuba sekuthuleni.’—2 Pet. 3:11-14.
2 Izenzo Ezingcwele Zokuziphatha Nezokuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu: Ukuziphatha okungcwele kuhlanganisa imisebenzi eyisibonelo ebonisa inhlonipho ngezimiso zeBhayibheli. (Thithu 2:7, 8) UmKristu kufanele agweme ukuziphatha kwezwe okushukunyiswa izifiso zobugovu, zenyama.—Roma 13:11, 14.
3 “Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu” kuchazwa ngokuthi “ukusondelana noNkulunkulu ngokomuntu siqu, okusuka enhliziyweni eshukunyiswa ukwazisa okujulile izimfanelo zakhe ezikhangayo.” Intshiseko yethu enkonzweni iyindlela evelele esibonisa ngayo lemfanelo. Isisusa sethu sokushumayela singaphezu nje kokuba nomuzwa wesibopho; sisuka othandweni olujulile ngoJehova. (Marku 12:29, 30) Sishukunyiswa yilolo thando, sibheka inkonzo yethu njengendlela ezuzisayo yokubonisa ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu. Njengoba ukuzinikela kwethu kufanele kungaguquguquki, ukuhlanganyela kwethu emsebenzini wokushumayela kufanele kungaguquguquki. Kufanele kube ingxenye ebalulekile yesimiso sethu somsebenzi samasonto onke.—Heb. 13:15.
4 Ukugcina usuku lukaJehova “luseduze engqondweni” kusho ukulugcina luyinto eza kuqala emicabangweni yethu yansuku zonke, singaluhlehliseli emuva silwenze lube olungabalulekile. Kusho ukugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu.—Math. 6:33.
5 Ukungabi Nabala, Nasici, Nokuba Sekuthuleni: Njengengxenye yesixuku esikhulu, siye ‘sageza izivatho zethu sazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAm. 7:14) Khona-ke, ‘ukungabi nabala’ kusho ukuthi kufanele sikuvikele ngokucophelela ukuphila kwethu okuhlanzekile nokunikezelwe ukuze kungangcoliswa ukungcola kwezwe. Sizigcina ‘singenasici’ ngokwenqaba ukuvumela iminako yezinto ezibonakalayo engeyona eyokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ukuba yonakalise ubuntu bethu bobuKristu. (Jak. 1:27; 1 Joh. 2:15-17) Sibonisa ukuthi siphila ‘ekuthuleni’ ngokubonisa “ukuthula kukaNkulunkulu” kukho konke ukusebenzelana kwethu nabanye.—Fil. 4:7; Roma 12:18; 14:19.
6 Uma simelana ngokuphumelelayo nokungcoliswa yizwe, ngeke ‘silolongwe sifane nalesisimiso sezinto,’ esilahlwe uJehova. Kunalokho, imisebenzi yethu emihle iyosiza abanye babone umehluko “phakathi kwalowo okhonza uNkulunkulu nalowo ongamkhonzanga.”—Roma 12:2; Mal. 3:18, NW.
7 Igama likaJehova liyadunyiswa, ibandla liqiniswe, futhi abanye bazuze lapho ngobuqotho silondoloza ‘imisebenzi emihle.’ (1 Pet. 2:12) Kwangathi njalo singaba yilolo hlobo lomuntu.